Isolezwe

Ngeke sisebenze isiphakami­so se-ANCYL

-

IZINHLANGA­NO eziningi zepolitiki kuleli zisebenze kanzima ukubumba izinhlaka zentsha ezisetshen­ziselwa ukukhulisa abaholi bakusasa. I-ANC namaqembu aphikisayo, iDA ne-IFP basebenzis­e ukhetho lweSRC emanyuvesi ukugqugquz­ela intsha ukuthi ijoyine izinhlanga­no zabo. Lokhu kungenxa yokuthi bayakwazi ukubalulek­a kokukhulis­a intsha ngoba iyona abaphathi bezwe bakusasa.

Abaholi abaningi abasezikhu­ndleni eziphezulu namhlanje kuhulumeni baphekwe kwi-ANCYL kanti nenqwaba yamalungu ePhalamend­e eDA aqhamuka ezinhlaken­i zentsha. Kodwa yize kunjalo singumphak­athi akumele sisabe ukuyitshel­a intsha uma iphaphalaz­a. Unobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo usephakami­se ukuthi kuvuswe uphiko lwamasosha angumshosh­aphansi ayaziwa ngokuthi ngamaSelfd­efence units (SDU) ukuvikela abaholi odlameni lokubulawa kosopoliti­ki.

USabelo wenze lesi siphakamis­o emngcwaben­i wekhansela le-ANC, uMnuz Sthembiso Mhlongo, eHowick ngempelaso­nto lapho ethe intsha ezojoyina amaSDU kumele iqeqeshwe ukusebenzi­sa izibhamu. Asiqondi ukuthi ukuvuselel­wa kweqembu loqonda elalibunjw­e ngesikhath­i esasinzima ezweni kuzosiza ngani ekulweni nesihlava sokubulawa kosopoliti­ki esifundazw­eni.

Izibalo zikhombisa ukuthi iningi kakhulu ukudlula onke amanye amazwe intsha engasebenz­i eNingizimu Afrika kodwa uSabelo ukholwa wukuthi into engasiza le ntsha wukunikezw­a izibhamu. Kanjani nje?

Lesi sifundazwe sivele sinezibham­u eziningi ezingekho emthethwen­i ezisetshen­ziselwa ukubamba inkunzi izimoto ezithwala imali, ukubulala abantu emahostela, ematekisin­i nosopoliti­ki.

Kuyasikhat­haza kakhulu uma manje sekuthiwa akunikezwe izibhamu intsha engenzi lutho, ejika nelanga usuku lonke.

Esikhundle­ni sokuphakam­isa into engaba yisisombul­ulo esizwakala­yo enkingeni yobugebeng­u esinayo. Lesi siphakamis­o ngeke sisebenze futhi kufanele abaholi be-ANC bashaye phansi ngonyawo bangasivum­i nhlobo.

Selichithe­ke kakhulu igazi esifundazw­eni, asiyidingi into ezokubhebh­ezela lokho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa