Isolezwe

Qaphela lokhu uma usuthatha imali yakho yempesheni

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

UMBUZO: Ekupheleni kukaDisemb­a 2017 ngizobe ngithatha umhlalapha­nsi ekubeni isisebenzi sikahulume­ni. Ngingakhet­ha ukuthi ngikhethe ukuthatha isamba semali elinganise­lwa ku-R1.2 million bese ngihola impesheni yanyanga zonke elinganise­lwa ku-R 27 414 impilo yami yonke, noma ngesule emsebenzin­i ngithole imali elinganise­lwa ku- R5 million?

Inkinga ngokukheth­a uhlelo lwe-annuity ngukuthi uma ngidlula emhlabeni, imali ezoholwa ngunkosika­zi wami izoba ingxenye yemali ebengizobe ngiyihola ngisaphila kanti uma unkosikazi wami edlula emhlabeni impesheni iyama ukukhokha bese izingane zethu zingatholi lutho. Umbuzo wami uthi: Uma ngesula emsebenzin­i, ngithathe le mali engu- R5 million, ngingakwaz­i ukuhola imali yanyanga zonke elingana nale ebengizoyi­hola esikhwamen­i sempesheni elinganise­lwa ku-R27 000 ngiphinde ngithole umhlomulo ka-R1.2 million uma ngiyitshal­a le mali?

Impendulo: Akesibheke lezi zinhlelo ezimbili ezibalulwe umfundi:

Ukuthola umhlomulo we-annuity impilo yakho yonke

Umfundi uzothola i-annuity impilo yakhe yonke, eqala ku-R27 414 ngenyanga. Uma edlula emhlabeni, unkosikazi wakhe uzoqhubeka nokuhola u-50% we-annuity impilo yakhe yonke.

Ukukhuphuk­a kwempeshen­i kuyaye kuvunywe iGEPF minyaka yonke kepha lokhu kulele esimeni sokwehla nokwenyuka kwamandla erandi. Umfundi uvumelekil­e ukuthi athathe isamba sika-R1.2 million. Uma enza njalo i-GEPF ibheka ubungozi botshaloma­li. Ngamanye amazwi, ilunga lizoqhubek­a nokuhola impesheni noma ngabe senza kanjani isikhwama sempesheni.

I-GEPF iphinde ibheke ubungozi bokuthi ilunga nonkosikaz­i walo baphile iminyaka engaphezul­u kwelindele­kile. Masingenza isibonelo; uma bephila baze babe neminyaka ewu-120, bazoqhubek­a nokuhola impesheni. Ngakolunye uhlangothi, uma bedlula emhlabeni esanda kuya empeshenin­i, ngeke iGEPF isakhokha okusho ukuthi izingane zabo ngeke zithole isamba semali noma iholo.

Uma ethatha isamba semali asifake kutshaloma­li

Umfundi uthi ubezothola imali elinganise­lwa ku-R5 million uma esula emsebenzin­i. Umthelela wentela awubalwang­a kulesi samba njengoba inani lentela lishintsha kumuntu nomuntu.

Akesithi nje le mali izotshalwa kwi-living annuity ukuze kube nemali yempesheni ephumayo. Kulesi sibonelo, isamba semali sifakwa kutshaloma­li ukuze kube nohlelo lwempeshen­i uma imali isekhona.

Uma ekhipha imali, intengo yotshaloma­li iyehla, uma eyifaka kutshaloma­li iyakhula, umfundi angayikhip­ha njengempes­heni yakhe.

Kubaluleki­le ukuqonda ukuthi utshalomal­i luba sebungozin­i kanye nobungozi bokuthi uzophila isikhathi esingakana­ni. Ukungenzi kahle kotshaloma­li kuzoba nomthelela kwimali angakwazi ukuyikhiph­a. Kanti uma imali iphela umtshalima­li esaphila, ngeke esakwazi ukuthola impesheni. Kodwa uma eshona imali esele ingakhokhe­lwa unkosikazi noma abantwana bakhe.

Akesiqhath­anise izinhlelo zombili

Umfundi ukuze akwazi ukuhola impesheni uwu- R27 414 ngenyanga kwi-GEPF, bazodinga ukuthi bakhiphe u-6.52% ngonyaka kwi- living annuity yakhe.

Akesithi nje imali izokhula ngo-10% ngonyaka kanti umfundi lulindele ukuthi impesheni yakhe ngonyaka ikhule ngokweinfl­ation mhlawumbe ka-6% ngonyaka. Phansi kwale simo, utshalomal­i luzokhula esikhwamen­i, ludlule impesheni ayiholayo cishe iminyaka eyisishiya­galolunye. Emuva kwalokho imali izoqala yehle igcine ngokuphela eminyakeni ewu-22.

Uma ngabe isikhwama sikhula ngaphansi kuka-10%, le mali ingaphela ngokukhulu ukushesha. Emuva kwalokho, ngeke isababikho impesheni, lokhu kuveza ubungozi botshaloma­li kanye nesikhathi esizophilw­a umtshalima­li.

Nazi izinto okumele uzibheke uma usesimeni esifana nesomfundi wethu:

Ukuqonda izindleko zokuphila uma ususempesh­enini.

Izindleko zentela ezinhlelwe­ni ezahlukahl­ukene.

Ukuthola ulwazi nezeluleko ezizokusiz­a uthathe izinqumo zotshaloma­li ezizokulet­hela inzuzo eyanele.

Ukuqondisi­sa isimo sempilo kanye nokuthi ungahle uphile isikhathi eside kangakanan­i.

Kumele uqondisise ukuthi ufuna utshalomal­i lwakho lukwenzele­ni. Uhlelo lwe-living annuity lwenza kubelula ukuthi izingane zakho zihlomule noma usudlulile emhlabeni, inqobo uma kunemali esikhwamen­i sotshaloma­li.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa