Liyinkinga impela ikhansela le-ward yethu
uyalwazi udaba lwethu. Kuyimanje sihleli emakhaya, ezikhundleni zethu ikhansela lalanda izihlobo zalo eMpendle naseNgonyameni.
Ngibuza ukuthi yini umsebenzi wobuholi uma kunje? Sifuna ukubuyiselwa emsebenzini. Ngalolu daba sengibhalele ngisho uhlelo lukamabonakude iCheckpoint neCutting Edge mhlawumbe uma udaba selulandelwa izintatheli kukhulu okuzovela.
I-ward yethu ingcolile kodwa abaholi bayazi banqena ukuqonda ikhansela balitshele iqiniso. Lifuna ukulalelwa kuphela alifuni ukulalela abantu.
Uma kukhethwa abaholi bakaKhongolose yini ebhekwayo? Ngabe kubhekwa ukuthi ngiyadabukisa noma ngiswele kangakanani noma ngithuka kangakanani, noma ngisabisa kangakanani? Kungani kungathathwa noma uthisha thizeni ohloniphekile ahole umphakathi? Hlazo lini leli ukuthi umphakathi uholwe yimpumputhe? Kusho ukuthini ukuthi abantu abangakholelwa kuwena ubakhiphe emsebenzini? Sekwanele manje. Sazama ukuludlulisa udaba kubaholi bavele bavuna abathile. Lo Khongolose nawufica ukhona nisazohamba niwushiye.
Uma bengakaboni ukuthi ikhansela lethu liyawubulala ngeke baphinde babone. Lizenzela umathanda liyazicanasela nesobho lilinika obhululu balo, aliyi kubantu abalidingayo. Ngiyafisa Isolezwe lifike kuleli hhovisi lethu lizenze umhlali lifune ukusizakala ngezincwadi zekhansela, libone ukuthi liyonikwa yini.
Okungapheli kuyahlola. Sifuna ukubuyiselwa emsebenzini wethu manje. Unobhala kazwelonke simbhalele. Okhathazekile EMLAZA