Isolezwe

Liyinkinga impela ikhansela le-ward yethu

-

uyalwazi udaba lwethu. Kuyimanje sihleli emakhaya, ezikhundle­ni zethu ikhansela lalanda izihlobo zalo eMpendle naseNgonya­meni.

Ngibuza ukuthi yini umsebenzi wobuholi uma kunje? Sifuna ukubuyisel­wa emsebenzin­i. Ngalolu daba sengibhale­le ngisho uhlelo lukamabona­kude iCheckpoin­t neCutting Edge mhlawumbe uma udaba selulandel­wa izintathel­i kukhulu okuzovela.

I-ward yethu ingcolile kodwa abaholi bayazi banqena ukuqonda ikhansela balitshele iqiniso. Lifuna ukulalelwa kuphela alifuni ukulalela abantu.

Uma kukhethwa abaholi bakaKhongo­lose yini ebhekwayo? Ngabe kubhekwa ukuthi ngiyadabuk­isa noma ngiswele kangakanan­i noma ngithuka kangakanan­i, noma ngisabisa kangakanan­i? Kungani kungathath­wa noma uthisha thizeni ohloniphek­ile ahole umphakathi? Hlazo lini leli ukuthi umphakathi uholwe yimpumputh­e? Kusho ukuthini ukuthi abantu abangakhol­elwa kuwena ubakhiphe emsebenzin­i? Sekwanele manje. Sazama ukuludluli­sa udaba kubaholi bavele bavuna abathile. Lo Khongolose nawufica ukhona nisazohamb­a niwushiye.

Uma bengakabon­i ukuthi ikhansela lethu liyawubula­la ngeke baphinde babone. Lizenzela umathanda liyazicana­sela nesobho lilinika obhululu balo, aliyi kubantu abalidinga­yo. Ngiyafisa Isolezwe lifike kuleli hhovisi lethu lizenze umhlali lifune ukusizakal­a ngezincwad­i zekhansela, libone ukuthi liyonikwa yini.

Okungaphel­i kuyahlola. Sifuna ukubuyisel­wa emsebenzin­i wethu manje. Unobhala kazwelonke simbhalele. Okhathazek­ile EMLAZA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa