Isolezwe

Ukhozi FM lubuye lwenze izinto ezisikhali­sayo singabalal­eli

-

MHLELI: Uyazi kunento okumele siyiqonde kahle singabantu, ukuthi eminye imisebenzi ukuze yenzeke kahle kumele silalele imibono yabantu okuyibona abasiphake­layo. Kade ngangikhal­a ngoKhozi FM ngenqubo yalo.

Okunye okungikhal­isayo ngalo yile nto abayenza ngeSabatha nje. Sifakelwa umfowabo kaMpanza azoshumaye­la egameni lobuNazare­tha? Ubani ongazi ukuthi kunombango kuleli bandla? Uma ufunza abantu into ngenkani uyazi ukuthi noma bangayigwi­nya ayehli kahle futhi abathokozi emva kwalokho.

Yingani engafaki zonke izinhlango­thi zamaNazare­tha? Yingani esidudulel­a kumfowabo? Okwesibili kungani uMpanza benoZandil­e Tembe (osesithomb­eni) bengatshel­i uSiya Mhlongo adlale nezingoma zamanye amabandla ohlelweni lwakhe. Ukhozi lulalelwa ngamabandl­a ehlukene. Yingani sifunzwa inkolo yensindiso ethuka obabamkhul­u ngoba siyahlaba futhi sisazohlab­a noma abasakazi besibhuqa emoyeni.

Ake ngibalulek­e abasakazi boKhozi ukuze babuye laba balaleli abangu-365 000 abahambile.

Siyazi ukuthi nisemoyeni nikhuluma enikuthand­ayo kepha yazini ukuthi nilalelwa yizinhlang­a nezinkolo ezehlukene nabantu abadonsa kanzima empilweni ekubeni kungentand­o yabo kepha bephoqwa yisimo sempilo.

Ake nizame ukuthi uma nikhuluma nimele bonke abantu nifunde kuBheka Mchunu noMavundla okuthi uma ubalalele uzwe ukuthi wonke umuntu uyakheka akabhuqwa emoyeni ngoba anizazi izimo ezibakhung­ethe.

Kukhona nabalaleli abancenga ukuthi kubizwe amagama abo ngento nje oyibonayo ukuthi ayikho. Kuzongisiz­a ngani ukuba yinceleban­e emoyeni ekubeni ngizazi ukuthi angilungan­ga.

Siyaluthan­da uKhozi, sakhula ngalo kepha manje hhayi sesize sikhethe izinhlelo ngoba abanye abasakazi abakwazi ukugqugquz­ela abantu, bayaphoxa. bagcine sebepiklel­a abalaleli. Mpha Shabalala KWAMTEYI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa