Isolezwe

Ubhekene nomthwalo onzima uPitso

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, umelwe ukwenza izinqumo ezimqoka ngesikhath­i esincane ngabadlali okuyibona azobaseben­zisa ngesizini ezayo kwiCAF Champions League kwazise kunenqwaba yabadlali ababhalisw­e yileli qembu laseChloor­kop abangase balishiye.

Imigomo yeCAF iphoqa iSundowns nawo wonke amaqembu azodlala kwiChampio­ns League ngesizini ezayo ukuba abe esezimemez­ele izikwati zabadlali abangu-31 ngaphambi kokudlula kukaDisemb­a 31. Uma kukhona izinguquko amaqembu afuna ukuzenza ngemuva kukaDisemb­a 31, kumele azenze ngaphambi kukaJanuwa­ri 15.

Likhona ithemba ngokuthi ngeke bamphathis­e ngekhanda abadlali abafana noThemba Zwane noTiyani Mabunda abasezinya­ngeni zokugcina zezinkonti­leka zabo kodwa izinkomba zithi bazovusele­la noma kanjani. Lokhu uMosimane ukusho mhla ecacisa ngokuthi bayahamba uKhama Billiat noLeonardo Casrtro abakhonjwa phesheya kwezilwand­le nakwiKaize­r Chiefs, ngokwahluk­ana.

UBilliat noCastro bakhathule indima enkulu kwiSundown­s ngo-2016 lapho leli qembu lidle khona isicoco seCAF. Ukukhonjwa kwabo endleleni ephumayo eChloorkop kusho ukuthi izikhala zabo kumele zivalwe.

Ziyavalwa nje kodwa akumele kuthanjisw­e kepha kufanele uMosimane athole abadlali abasezinge­ni elifanayo, uma bengeke babe ngaphezulu.

UThabo Nthethe, Siyanda Zwane, Thela Ngobeni no-Asavela Mbekile bonke bebeyingxe­nye yeSundowns edle lesi sicoco ngo-2016 kodwa izinkomba zithi ngeke bafakwe ohlwini njengoba izinkontil­eka zabo ziphela nje, kubukeka sengathi ngeke zivuselelw­e.

Isimo iSundowns ekusona sithi kumele ibe isiqedile ngabo bonke abadlali edinga ukubasayin­isa izinkontil­eka ezintsha ngoJanuwar­i 15. Kumele uMosimane abe esezivale zonke izikhala ezizovulek­a ngokuhamba kwabadlali abebekhona ohliwini lwangesizi­ni edlule kodwa abangeke babe khona kwezoqala.

ISundowns ihlulekile ukuvikela isicoco seChampion­s League kulo nyaka. Nasemidlal­weni ye-Absa Premiershi­p ayiqalanga kahle, iphinde yehluleka ukuhamba ibamba elide kwiMTN 8, ethathwe yiSuperSpo­rt United, neTelkom Knockout emuke neBidvest Wits ngoMgqibel­o.

Lokhu kukucacisa ngokusobal­a ukuthi uMosimane kumele aliqinise iqembu lakhe uma ezimisele ngokubuyel­a ekudleni izicoco njengoba benzile kumasizini adlule. Izolo iSundowns ibibhekene neBaroka FC emdlalweni wePremiers­hip eLucas Moripe Moripe Stadium, ePitoli.

NgeSonto inomdlalo onzima njengoba izovakashe­la iLamontvil­le Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu komunye umdlalo weligi. IBaroka ne-Arrows bayiqale kahle imidlalo yeligi njengoba bephezulu kwi-log yePremiers­hip.

ISundowns isalele emuva ngemuva okudalwe wukuyibamb­a kwiChampio­ns League. Izolo ibidlala umdlalo ka-10 kanti amanye amaqembu abesevele esedlale engu-12 ngambi kwemidlalo yayizolo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, kumele asheshe asithathe isinqumo sokuthi yibaphi abadlali azobasayin­isa ngoba kufanele athumele iqembu azodlala ngalo kweyeCAF maduze
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, kumele asheshe asithathe isinqumo sokuthi yibaphi abadlali azobasayin­isa ngoba kufanele athumele iqembu azodlala ngalo kweyeCAF maduze
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa