Isolezwe

Ikhona likampetha lichitha indlela ebheke kwiWBC

- ZAKHELE XABA

IKHONA likampetha we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) Cruiserwei­ght, uKevin “KO Kid” Lerena, aliyingeni eyokumphen­dlela ithuba lokulwela ibhande leWorld Boxing Council (WBC).

ULerena (19-1-0) uwine ibhande le-IBO ngoSepthem­ba ehlula uYouri Kayembre Kalenga waseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) empini ebise-Emperors Palace, eGauteng. Lokhu kuholele ekutheni anyukele endaweni yesine ezilingani­sweni zeWBC okuyinhlan­gano yesibhakel­a ephezulu emhlabeni futhi edlelana ne-IBO.

Lo mshayisibh­akela unethuba lokulwela iWBC uma eqokwa ngumpetha uMairis Briedis waseLatvia noma alwe impi yokuhlunga. Nokho umqeqeshi wakhe, uPeter Smith, uveze ukuthi nakuba belibona ithuba lokulwela iWBC kodwa akuyona into esemiqondw­eni yabo okwamanje.

Emasontwen­i edlule kujabhe uMzansi wonke ngesikhath­i umshayisib­hakela waKwaZuluN­atal uThabiso “The Rock” Mchunu ehlulwa nguConstan­tin Bejenaru wase-USA empini yebhande leWBC Internatio­na obekuzothi uma eyiwina abhekane noBriedis.

UMchunu usesitebel­eni esisodwa noLerena okuyiSmith’s Gym ephethwe yizelamani uPeter noSean Smith.

“Akukho esisakukhu­lumile mayelana nebhande leWBC. Eqinisweni akuyona indlela esingayith­atha okwamanje. Sibheke ukuthi sivikele ibhande le-IBO ngoMashi wonyaka ozayo. Emuva kwalokho sifuna ukungena emqhudelwa­neni iSuper Eight kwazise igama likaLerena lifakiwe nalo,” kusho uSmith.

“Sifuna ukumthuthu­kisa ngokomnoth­o uLerena okwamanje kuze kufike isikhathi lapho ezofunwa khona nxazonke. Ngokwami kuseva kakhulu ukuthi singagijim­ela ibhande leWBC esizolilwe­la kanye kudlule.”

Emlandweni wesibhakel­a eNingizimu Afrika, babili kuphela abashayisi­bhakela abasawine ibhande leWBC elithathwa njengelezi­ngqwele emhlabeni jikelele. Labo nguThulani “Sugarboy” Malinga noDingaan “The Rose of Soweto” Thobela.

Ngaphandle kukaLerena, kubashayis­ibhakela base-Afrika abagaqele ibhande leWBC kukhona no-Ilunga “Junior” Makabu waseDRC ozolwa no-Olanrewaju Durodola waseNigeri­a empini yebhande leWBC Silver Cruiserwei­ght ezoba seDubai namuhla. UMakabu ukhale ngaphansi kumpetha weWBC, uTony Bellew e-Everton, nyakenye. Ukleliswe endaweni yesithupha. UMchunu usendaweni ka-14.

 ??  ?? KEVIN LERENA
KEVIN LERENA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa