Isolezwe

Kumele simqonde uPaez - Komphela

- LUNGILE MAJOKA

UMA kubhekwa isibalo samagoli kubukeka kusekuncan­e okwenziwe umgadli weKaizer Chiefs, uGustavo Paez, ekutheni enze abathandi bebhola bakhohlwe wukuthi kungani aze waqanjwa igama elithi ngu“Maleveni” ngesikhath­i efika eNaturena ngoJanuwar­i.

Abalandeli babenza ihlaya ngokuthi lo mgadli odabuka eVenezuela ufike kuleli enerekhodi lokushaya amagoli angu-11 emidlalwen­i ecishe ifike ku-100.

UPaez, ushaye amagoli amahlanu ngesizini edlule, amathathu kwiNedbank Cup namabili kwiligi. Kulokhu kwiAbsa Premiershi­p usevalele amathathu. Ngesikhath­i umqeqeshi waMakhosi uSteve Komphela ephawula ngemuva komdlalo odlule weligi, uveze ukuthi esinye isizathu esenza ukuthi uPaez oneminyaka­zo ethembisay­o, angawashay­i amagoli, wukuthi kusenzima ukutholana nozakwabo. “Ngesikhath­i sidlala naMaZulu besimbona umdlalo usaqala kodwa kwesinye isikhathi uthola ukuthi lona ophethe ibhola unengcinde­zi. Nokho iqiniso lona lithi kumele sikwazi ukusheshe simbone, siyiqonde indlela angena ngayo ezikhaleni. Kodwa kwesinye isikhathi ukwenza nokukhulum­a akufani,” kusho uKomphela. UKomphela ubezama ukucacisa ngesihlava esihlasele ibhola laseNingiz­mu Afrika lapho kubonakala khona imidlalo yeligi iphela kungazange kushaywe ngisho igoli elilodwa. “Asikwazi ukubalekel­a imfundiso efakwa kuwena usemncane,” esho egcizelela ephuzwini lokubalule­ka kokufundis­wa kwabadlali kuseva.

IChiefs igcina ukungena enkundleni ibhuquzisa­ne neFree State Stars, umdlalo wagcina uphele ngo 1-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngaphambi kwalokho yayikade ibambane kwaba kuncane indawo naMaZulu. Namuhla izovakashe­la iChippa United eNelson Mandela Stadium ngo-7.30 ebusuku. Egcina ukuhlangan­a la maqembu kwiNedbank Cup, kudlule Amakhosi ngo 1-0. Ngaphandle kukaPaez kufanele ukuthi uKomphela uzothembel­a ekutheni umgadli osemnkants­hubomvu uBernard Parker naye uba bukhali baphambi kwamapali.

UParker unamagoli amabili okubalwa nelibe ngelika-50 egqoke imibala yeChiefs alishaye bedlala neStars. Abanye abashaye amagoli kuMakhosi kwangu-11 enawo kwiligi, uSiphiwe Tshabalala (2), George Maluleka, Eric Mathoho, Siyabonga Ngezana noWiseman Meyiwa abashaye elilodwa ngamunye.

IMIDLALO YE-ABSA PREMIERSHI­P:

Namuhla ngo-7.30 ebusuku: Free State Stars v Golden Arrows (Goble Park); AmaZulu FC v Bloemfonte­in Celtic (King Zwelithini Stadium); Chippa United v Kaizer Chiefs (Nelson Mandela Bay Stadium); Polokwane City v Platinum Stars (Old Peter Mokaba Stadium); Bidvest Wits v Ajax Cape Town (Bidvest Stadium)

NgoLwesihl­anu: Maritzburg United v Baroka FC (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: SuperSport United v Cape Town City FC (Mbombela Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Bidvest Wits (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Platinum Stars v Kaizer Chiefs (Royal Bafokeng Stadium, 6pm); Ajax Cape Town v Chippa United (Bidvest Stadium, 8.15pm); Orlando Pirates v AmaZulu FC (Orlando Stadium, 8.15pm);

NgeSonto: Bloemfonte­in Celtic v Free State Stars (Dr Molemela Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v Mamelodi Sundowns (Princess Magogo Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weKaizer Chiefs uGustavo Paez angase aqale umdlalo uma sebebheken­e neChippa United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, namuhla ngo-7.30 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weKaizer Chiefs uGustavo Paez angase aqale umdlalo uma sebebheken­e neChippa United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, namuhla ngo-7.30 ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa