Ishaye ingwiji iDowns ngokuxosha uMashaba
ISHAYE ingwiji iMamelodi Sundowns ngomdlali ebikade imfake amasondo uMzikayise “Mzi” Mashaba.
Ngo-Okthoba, iSundowns imemezele ukuthi isihlukene noMashaba. Lo mdlali oyibamba ngakwesokunxele emuva noma phambili ubesolwa ngokuhlupha. UMashaba kuvele ukuthi ubehlale efika sekudlule isikhathi uma iqembu lizilolonga nokuyinto egcine ibacikile abaphathi beqembu.
Ngesikhathi iSundowns yenza amalungiselelo okokuqala kwesizini ka-2017/2018, uMashaba kwavela ukuthi wanyamalala wabuya esekhuluphele ngenxa yokuthi wayengasaziqeqeshi. Umqeqeshi weqembu umshove esikimini esidlala kwiMultiChioce Diski Challenge. Ufike kuleli qembu walimala.
Ngemuva kwezinyanga ezimbili iSundowns imemezele ukuthi isihlukene noMashaba. Imenenja kaMashaba, uTim Sukazi we-Quality Talent Sports, itshele Isolezwe ukuthi iSundowns isisijikile isinqumo sokuxosha uMashaba.
“Udaba lukaMashaba neSundowns bekumele lungene kwiDispute Resolution Chamber yePremier Soccer League kodwa saluxazulula ngaphambi kokuthi luze lufike lapho. Yonke into isiqondile manje. Inyanga iqembu elingazange limkhokhele ngayo likwazili ukumnika imali yakhe umdlali. Nakule nyanga esanda kuphela ukhokheliwe umhlolo wakhe ophelele,” kusho uSukazi.
Ngo-Okthoba uMashaba akazange akhokhelwe kwiSundowns. Wayegcine ukuhola ngoSepthemba.
“UMashaba uyalulama. NgoJanuwari ngicabanga ukuthi uzobe eseluleme ngokugcwele. Uzobuyela kwiSundowns ayojima neqembu. Usazimisele ngokuyolelwa ijezi kuSundowns,” kusho uSukazi.
Inkontileka kaMashaba neSundowns iyaphela ngoJuni. UMashaba wasusana nozakwabo emdlalweni wokugcina weligi ngesikhathi ezakhe zibhekene neBaroka FC. Wakhumula ijezi wakhetha ukungabuyeli enkundleni ngesiwombe sesibili.
UMashaba ubekade egaqelwe yiKaizer Chiefs ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali kodwa wagcina engahambanga. KwiSundowns uzobuya abange indawo noTebogo Langerman noFares Hachi ngakwesokunxele emuva.
IChiefs igcine ithathe uLeonardo Castro kwiSundowns okulindeleke ukuthi ayijoyine ngesizini ezayo.
UThulani Thuswa okhulumela iSundowns ugcine engaphumelanga obala izolo ngokuthi iqembu selivumelene ngani noMashaba.