Isolezwe

ICity igaqele unozinti weChiefs

- MINENHLE MKHIZE

LIGAQELE umdlali weKaizer Chiefs iqembu laseKapa, iCape Town City. Isolezwe litshelwe nguTim Sukazi weQuality Talent Sports ukuthi iCity yilona kuphela iqembu eselike lamthinta libuza ngesimo sikaBrilli­ant Khuzwayo.

Inkontilek­a kaKhuzwayo neChiefs iyaphela ngoJuni. Lo nozinti odabuka eMlaza ulizwa ngendaba ijezi kuMakhosi.

U-Itumeleng Khune nguyena ogiya ezintini zeChiefs kule sizini. USukazi utshele Isolezwe ukuthi uKhuzwayo ufunwa uthuli yiCity.

“Yebo kuyiqiniso ukuthi iCape Town City ike yangithint­a mayelana noKhuzwayo. Ingithinti­le ezinyangen­i ezimbili ezedlule. Izikhulu zayo ngizitshel­ile ukuthi ngicela zingithint­e ngoJanuwar­i hhayi manje. Okwamanje sisaxoxa neKaizer Chiefs. Asinalo ilungelo lokungena ezingxoxwe­ni nelinye iqembu kuze kushaye uJanuwari,” kusho uSukazi.

UKhuzwayo useke wabhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ezwakalisa ukungenami kwakhe ngokushiki­sha ibhentshi kuMakhosi. Nokho umqeqeshi weChiefs uSteve Komphela usanda kuphumela obala ngokuthi usamdinga eNaturena lo nozinti.

“Ngenxa yemidlalo yeligi sithathe isinqumo sokuthi siqhubeke nezingxoxo ngemuva kwayo neChiefs. Njengoba ngangishil­o iqembu lizama ukuthi kushaye uJanuwari seliqede yonke into noBrillian­t.

Umfana useneme kwiChiefs kodwa phela ngeke siwavimbe amanye amaqembu uma ebuza ngesimo sakhe. Nokho kumele sikuhlonip­he ukuthi unenkontil­eka neChiefs kuze kushaye uJuni,” kusho uSukazi. UKhuzwayo ufike kwiChiefs ngo-2012 esuka kuMaZulu. Usedlale kwiBafana Bafana amahlandla amane. ICity egaqele uKhuzwayo ibophele uShu-Aib Walters noSage Stephens. Njengamanj­e akucaci ukuthi yimuphi unozinti ohamba phambili phakathi kwabo ngoba umqeqeshi uBenni McCarthy uyabashint­shashintsh­a. Namuhla ngo-7.30 ebusuku uma iChiefs isibhekene neChippa United eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi emdlalweni we-Absa Premiershi­p, uKhuzwayo kubhekwe ukuthi aphinde ayibambe ebhentshin­i.

 ??  ?? BRILLIANT KHUZWAYO
BRILLIANT KHUZWAYO
 ??  ?? IAN TAYLOR
IAN TAYLOR
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa