I-CHILLI BOYS IBAMBE UMOYA NGABADLALI
UMQEQESHI weChippa United, uTebogo Moloi, wethemba ukuthi abadlali bakhe bazokwelulama ngesikhathi esikahle ukuze babe khona emdlalweni abazowudlala neKaizer Chiefs namuhla.
IChilli Boys ibambe umoya ngabadlali abamqoka njengoba izobhekana naMakhosi eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, namuhla ngo-7.30 ebusuku.
Phakathi kwabadlali abathintekile kukhona uDaniel Akpeyi, olimale entanyeni ngesikhathi iChippa ibambana neMamelodi Sundowns ngo 0-0 emasontweni amabili edlule. Omunye othintekile ukaputeni uJames Okwuosa olokhu ehlushwa yiqakala nemasela yethanga. Bobabili laba badlali kulindeleke ukuthi bahlolwe namuhla ngaphambi kokuthi kushaye isikhathi somdlalo.
“Baningi abadlali abazohlolwa ngaphambi kokuthi kushaye isikhathi somdlalo. Lapha kukhona uJames, Katlego Mashego, Paseka Mako,noSandile Zuke,” kusho uMoloi kwi-KickOff.com.
“Kuzokhumbuleka uDaniel Akpeyi uwile washayeka kabuhlungu kodwa okungasenani ukhona uBrighton Mhlongo ukuvala leso sikhala. Okunye wukuthi u-Ayabulela Konqobe udlale esezinhlungwini emdlalweni wethu odlule. Njengamanje ikhempu yethu ifana nesibhedlela kodwa lokho akusikhathazi kakhulu ngoba sinabo abanye abadlali.” Amsterdam.
I-website enguzakwabo kayise kaPotshoza, i-IOL idalule ukuthi umsebenzi wokuqala kaTaylor kuzoba wukuyoba ngusomaqhuzu weqembu elidlala kwiChinise Super League, iGaungzhou R&F FC.
IGuangzhou ne-Amsterdam basanda kusayina isivumelwano sokusebenzisana seminyaka emihlanu. I-Amsterdam izolekelela izinhlaka zenkulisa zeGuangzhou okuyilapho kuzosebenza khona uTaylor.
“Bekuyi-thuba elingandele bani, bengingeke ngikwazi ukunqaba. Umsebenzi wami kuzoba wukufaka isandla ekutheni sakhe inkulisa ngiphinde ngitshale uhlelo lweAjax. Ubudlelwano bami ne-Ajax Amsterdam eminyakeni eyedlule yibona obukhulise ukuzwana kwami naleli qembu laseDutch,” kusho uTaylor.