Balwa nezidakamizwa ngezemidlalo
BANGASE bathole ingqayizivele yithuba lokuzidayisa kubaqeqeshi bezinkulisa kwiMamelodi Sundowns abadlali abazobamba iqhaza kwiMzimkhulu Sports Against Crime Soccer Tournament.
Lo mqhudelwano ohamba nesiteki sika-R200 000 uzoqalwa ngoDisemba 16 usongwe ngoDisemba 17 ezinkundleni zaseMzimkhulu.
Iqembu elizodla umhlaganiso lizohlabana ngo-R100 000 bese kuthi elilale indawo yesibili lithole u-R50 000. Aqede endaweni yesithathu neyesine azothola u-R25 000 iqembu ngalinye.
UManqoba “TV” Mngqithi oyiphini likaPitso “Jingles” Mosimane ocija iSundowns, utshele abezindaba ngesikhathi kwethulwa lo mqhudelwano ukuthi uzokhuluma nezikhulu zeSundowns ukuthi zithumele izinhloli kulo mqhudelwano.
UMngqithi nomdlali owayegijima kwiKaizer Chiefs uSithembiso Ngcobo yibona abangamanxusa alo mqhudelwano.
“Kuningi esikuhlelayo njengabantu baseMzimkhulu ukubuyisa ithemba ezinganeni ukuze zizophuma ezidakamizweni. Sihlose ukusebenzisa ezemidlalo ukulwisana nezidakamizwa. KwiSundowns sinethimba lezinhloli. Leli thimba yilona elizingela abadlali. Ngizokwenza isicelo kulona ukuthi lize lapha ukuzobheka ikhono. Ngisazoxoxa futhi nabahleli bomqhudelwano ukuthi sibatholele indawo yokulala njengoba beqhamuka kude. Ngicabanga ukuthi singakwazi ukubathola. Nginokuzethemba ukuthi nalokho kuzosiza. ISundowns iyiqembu elikhulu ekukhulisweni kwabadlali. I-MDC nayo isizile ekutheni abadlali abancane bathole amathuba. Njengoba nginobudlelwano nabaqeqeshi bamanye amaqembu ngicabanga ukuthi ngingakwazi ukubamema ukuthi bazobheka ikhono,” kusho uMngqithi.
Angu-22 amaqembu azodlana imilala kulo mqhudelwano. La maqembu azobe eqhamuka ezigcemeni ezahlukene eMzimkhulu. “Kungamnandi ukubona abafana abaqhamuka endaweni yethu bedlala kwiMDC. Leyo nto izosidwebela isithombe sokuthi likhona ikusasa endaweni yethu. Kuzodweba isithombe sokuthi uma benza kahle bangakwazi ukudlala kwiPSL. Kulo mqhudelwano abavumelekile abadlali abangaphezu kuka-22,” kusho uMngqithi.
Usomabhizinisi wendawo uSbongelelo Dlamini ufake u-R200 000 osuka ephaketheni lakhe. “Inhloso yami ngokufaka imali engaka wukuthuthukisa indawo yangakithi ngezemidlalo. Ngifuna indawo yangakithi kwaziwe ukuthi nayo ibhola iyalazi. Inkinga esibhekene nayo wukuthi asiwatholi amathuba. Abaxhasi nabo asibatholi yingakho ngenze into efana nale.”