Isolezwe

Ishaye ingwiji iDowns ngokuxosha uMashaba

- MINENHLE MKHIZE

ISHAYE ingwiji iMamelodi Sundowns ngomdlali ebikade imfake amasondo uMzikayise “Mzi” Mashaba.

Ngo-Okthoba, iSundowns imemezele ukuthi isihlukene noMashaba. Lo mdlali oyibamba ngakwesoku­nxele emuva noma phambili ubesolwa ngokuhluph­a. UMashaba kuvele ukuthi ubehlale efika sekudlule isikhathi uma iqembu lizilolong­a nokuyinto egcine ibacikile abaphathi beqembu.

Ngesikhath­i iSundowns yenza amalungise­lelo okokuqala kwesizini ka-2017/2018, uMashaba kwavela ukuthi wanyamalal­a wabuya esekhuluph­ele ngenxa yokuthi wayengasaz­iqeqeshi. Umqeqeshi weqembu umshove esikimini esidlala kwiMultiCh­ioce Diski Challenge. Ufike kuleli qembu walimala.

Ngemuva kwezinyang­a ezimbili iSundowns imemezele ukuthi isihlukene noMashaba. Imenenja kaMashaba, uTim Sukazi we-Quality Talent Sports, itshele Isolezwe ukuthi iSundowns isisijikil­e isinqumo sokuxosha uMashaba.

“Udaba lukaMashab­a neSundowns bekumele lungene kwiDispute Resolution Chamber yePremier Soccer League kodwa saluxazulu­la ngaphambi kokuthi luze lufike lapho. Yonke into isiqondile manje. Inyanga iqembu elingazang­e limkhokhel­e ngayo likwazili ukumnika imali yakhe umdlali. Nakule nyanga esanda kuphela ukhokheliw­e umhlolo wakhe ophelele,” kusho uSukazi.

Ngo-Okthoba uMashaba akazange akhokhelwe kwiSundown­s. Wayegcine ukuhola ngoSepthem­ba.

“UMashaba uyalulama. NgoJanuwar­i ngicabanga ukuthi uzobe eseluleme ngokugcwel­e. Uzobuyela kwiSundown­s ayojima neqembu. Usazimisel­e ngokuyolel­wa ijezi kuSundowns,” kusho uSukazi.

Inkontilek­a kaMashaba neSundowns iyaphela ngoJuni. UMashaba wasusana nozakwabo emdlalweni wokugcina weligi ngesikhath­i ezakhe zibhekene neBaroka FC. Wakhumula ijezi wakhetha ukungabuye­li enkundleni ngesiwombe sesibili.

UMashaba ubekade egaqelwe yiKaizer Chiefs ngesikhath­i kuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali kodwa wagcina engahamban­ga. KwiSundown­s uzobuya abange indawo noTebogo Langerman noFares Hachi ngakwesoku­nxele emuva.

IChiefs igcine ithathe uLeonardo Castro kwiSundown­s okulindele­ke ukuthi ayijoyine ngesizini ezayo.

UThulani Thuswa okhulumela iSundowns ugcine engaphumel­anga obala izolo ngokuthi iqembu selivumele­ne ngani noMashaba.

 ??  ??
 ??  ?? MZIKAYISE MASHABA
MZIKAYISE MASHABA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa