ICity igaqele unozinti weChiefs
LIGAQELE umdlali weKaizer Chiefs iqembu laseKapa, iCape Town City. Isolezwe litshelwe nguTim Sukazi weQuality Talent Sports ukuthi iCity yilona kuphela iqembu eselike lamthinta libuza ngesimo sikaBrilliant Khuzwayo.
Inkontileka kaKhuzwayo neChiefs iyaphela ngoJuni. Lo nozinti odabuka eMlaza ulizwa ngendaba ijezi kuMakhosi.
U-Itumeleng Khune nguyena ogiya ezintini zeChiefs kule sizini. USukazi utshele Isolezwe ukuthi uKhuzwayo ufunwa uthuli yiCity.
“Yebo kuyiqiniso ukuthi iCape Town City ike yangithinta mayelana noKhuzwayo. Ingithintile ezinyangeni ezimbili ezedlule. Izikhulu zayo ngizitshelile ukuthi ngicela zingithinte ngoJanuwari hhayi manje. Okwamanje sisaxoxa neKaizer Chiefs. Asinalo ilungelo lokungena ezingxoxweni nelinye iqembu kuze kushaye uJanuwari,” kusho uSukazi.
UKhuzwayo useke wabhala ezinkundleni zokuxhumana ezwakalisa ukungenami kwakhe ngokushikisha ibhentshi kuMakhosi. Nokho umqeqeshi weChiefs uSteve Komphela usanda kuphumela obala ngokuthi usamdinga eNaturena lo nozinti.
“Ngenxa yemidlalo yeligi sithathe isinqumo sokuthi siqhubeke nezingxoxo ngemuva kwayo neChiefs. Njengoba ngangishilo iqembu lizama ukuthi kushaye uJanuwari seliqede yonke into noBrilliant.
Umfana useneme kwiChiefs kodwa phela ngeke siwavimbe amanye amaqembu uma ebuza ngesimo sakhe. Nokho kumele sikuhloniphe ukuthi unenkontileka neChiefs kuze kushaye uJuni,” kusho uSukazi. UKhuzwayo ufike kwiChiefs ngo-2012 esuka kuMaZulu. Usedlale kwiBafana Bafana amahlandla amane. ICity egaqele uKhuzwayo ibophele uShu-Aib Walters noSage Stephens. Njengamanje akucaci ukuthi yimuphi unozinti ohamba phambili phakathi kwabo ngoba umqeqeshi uBenni McCarthy uyabashintshashintsha. Namuhla ngo-7.30 ebusuku uma iChiefs isibhekene neChippa United eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi emdlalweni we-Absa Premiership, uKhuzwayo kubhekwe ukuthi aphinde ayibambe ebhentshini.