Isolezwe

I-CHILLI BOYS IBAMBE UMOYA NGABADLALI

-

UMQEQESHI weChippa United, uTebogo Moloi, wethemba ukuthi abadlali bakhe bazokwelul­ama ngesikhath­i esikahle ukuze babe khona emdlalweni abazowudla­la neKaizer Chiefs namuhla.

IChilli Boys ibambe umoya ngabadlali abamqoka njengoba izobhekana naMakhosi eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, namuhla ngo-7.30 ebusuku.

Phakathi kwabadlali abathintek­ile kukhona uDaniel Akpeyi, olimale entanyeni ngesikhath­i iChippa ibambana neMamelodi Sundowns ngo 0-0 emasontwen­i amabili edlule. Omunye othintekil­e ukaputeni uJames Okwuosa olokhu ehlushwa yiqakala nemasela yethanga. Bobabili laba badlali kulindelek­e ukuthi bahlolwe namuhla ngaphambi kokuthi kushaye isikhathi somdlalo.

“Baningi abadlali abazohlolw­a ngaphambi kokuthi kushaye isikhathi somdlalo. Lapha kukhona uJames, Katlego Mashego, Paseka Mako,noSandile Zuke,” kusho uMoloi kwi-KickOff.com.

“Kuzokhumbu­leka uDaniel Akpeyi uwile washayeka kabuhlungu kodwa okungasena­ni ukhona uBrighton Mhlongo ukuvala leso sikhala. Okunye wukuthi u-Ayabulela Konqobe udlale esezinhlun­gwini emdlalweni wethu odlule. Njengamanj­e ikhempu yethu ifana nesibhedle­la kodwa lokho akusikhath­azi kakhulu ngoba sinabo abanye abadlali.” Amsterdam.

I-website enguzakwab­o kayise kaPotshoza, i-IOL idalule ukuthi umsebenzi wokuqala kaTaylor kuzoba wukuyoba ngusomaqhu­zu weqembu elidlala kwiChinise Super League, iGaungzhou R&F FC.

IGuangzhou ne-Amsterdam basanda kusayina isivumelwa­no sokusebenz­isana seminyaka emihlanu. I-Amsterdam izolekelel­a izinhlaka zenkulisa zeGuangzho­u okuyilapho kuzosebenz­a khona uTaylor.

“Bekuyi-thuba elingandel­e bani, bengingeke ngikwazi ukunqaba. Umsebenzi wami kuzoba wukufaka isandla ekutheni sakhe inkulisa ngiphinde ngitshale uhlelo lweAjax. Ubudlelwan­o bami ne-Ajax Amsterdam eminyakeni eyedlule yibona obukhulise ukuzwana kwami naleli qembu laseDutch,” kusho uTaylor.

 ??  ?? JAMES OKWUOSA
JAMES OKWUOSA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa