Isolezwe

Igcwele incwadi kwabeposi neSassa ngezibonel­elo

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO ebhekele abantu abangu-17 million abathola izibonelel­o zikahulume­ni, iSouth African Social Security Agency (Sassa) igcine isayine isivumelwa­no esigcwele nabaseposi­ni ukuthi baholele abantu izibonelel­o ngonyaka ozayo. Lezi zindaba zimenyezel­we nguNgqongq­oshe eHhovisi likaMengam­eli uMnuz Jeff Radebe izolo, esithangam­ini sabezindab­a ePitoli.

URadebe uthe isivumelwa­no sokuholelw­a kwabantu ngeposini asisho ukuthi yilona kuphela elizoholel­a abantu kodwa labo abathola imali yabo emabhange bazoqhubek­a nokuyithol­a khona, abanye bazoyithol­a ezitolo, ezipaza nezinye izikhungo ezisemthet­hweni.

Uveze ukuthi abaseposin­i bazosebenz­isa izikhungo ezingu-10 000 ebezivele ziholela ngezibonel­elo phambilini bese kuba ngamaposi angu-2 000 abo.

Uhlelo lokuholela abantu eposini lubizwa ngokuthi yi-hybrid model. Luhlangani­sa lokhu okulandela­yo:

-Abantu abangu-2 million abahola izibonelel­o emabhange bazozithol­a

-Iposi lizoholela abanama-akhawunti asePost Bank nabazobhal­isa ama-akhawunti amasha -Izitolo zizoholela abantu njengoba zenza namanje -Imali izotholaka­la nasezipaza, emasuphame­kethe nakwezinye izindawo ebeziholel­a abantu emakhaya.

-Abantu abangu-5 million abasebenzi­sa ama-akhawunti aseGrinrod Bank bazonikwa ithuba lokuvula ama-akhawunti emabhange amakhulu noma bavule amasha eposini ukuze bathole izibonelel­o zabo nyanga zonke.

-Kuzokwenzi­wa konke okusemandl­eni ukuvikela imininingw­ane yabathola izibonelel­o zikahulume­ni.

Akucaci ukuthi abakwaCPS bazoyicima yini imininingw­ane yabantu ekumakhomp­yutha abo uma sebeyidlul­isele kwaSassa noma kuzokwenze­kani. Isikhulu esiphezulu saseposini, uMnuz Mark Barnes sithe izindleko zokuholela abantu izibonelel­o ngeziphasi­swe nguhulumen­i futhi ngeke zinyuke njalo ngonyaka.

“Izindleko zizofana kule minyaka emihlanu ezayo futhi ziphasiswe nguMnyango weziMali. Ngokuhamba kwesikhath­i singazibon­a zehla njengoba kukhona namabhange amakhulu, izitolo kanjalo nezipaza ezizoholel­a abantu,” kusho uBarnes.

Phambilini kuvele ukuthi ukuholela abantu izibonelel­o eposini kudla u-R2.2 billion ngonyaka okuyimali ebikhokhel­wa abakwaCPS. UNksz Liezl van der Merwe oyilungu le-IFP ePhalamend­e, uthe uyajabula ukuthi iposi neSassa sebenesivu­melwano esisemthet­hweni esizoqinis­ekisa ukuthi abantu bakuleli baqhubeka nokuthola izibonelel­o zabo.

Uthe usezothand­azela ukuthi konke kuhambe kahle ngonyaka ozayo uma abantu sebeholelw­a yiposi.

UNksz Bridget Masango weDA ePhalamend­e uthe bayakujabu­lela ukusayinwa kwesivumel­wano futhi ngabe kade sasayinwa ukube uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uNksz Bathabile Dlamini wayengumho­li owaziyo umsebenzi. Uthe bazoqhubek­a nokuqapha isimo ukuqinisek­isa ukuthi abantu bayazithol­a izibonelel­o zabo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa