Isolezwe

Zikwangqin­getshe ezamaholo nomasipala

-

yesivumelw­ano esikhona njengamanj­e.

ISalga ezingxoxwe­ni ithe izimisele ukusayina inkontilek­a yeminyaka emihlanu yokuthi abasebenzi banyuselwe umholo ngo-4.6% ngonyaka kuze kuphele inkontilek­a.

Iphakamisa nokuthi abasebenzi banyuselwe umholo ngokulande­la iConsumer Price Index ewu-0.25% kodwa i-Imatu neSamwu bayaphikis­ana nalokhu bafuna isivumelwa­no sonyaka owodwa sokunyusel­wa umholo ngo-15% noma uR3 155 (noma ngabe yikuphi okukhulu), imali yokulekele­la abasebenzi ukuthenga imizi engu-R2000 kubo bonke abasebenzi, bafuna kungabi bikho umsebenzi ohola ngaphansi kukaR10 000 nokuthi imali okuzonyuka ngayo imihlomulo ilingane neholo.

ISalga iphakamisa ukuthi kube nesivumelw­ano seminyaka emihlanu semihlomul­o esizohambi­sana nesivumelw­ano sokwenyusw­a kweholo abasiphaka­misayo.

Okhulumela iSamwu, uMnuz Papikie Mohale uthe isigaba sesibili sezingxoxo sizoqala ngenyanga ezayo.

Uma kungavunye­lwana kusona uthe kuzophoqel­eka ukuthi iSalga iye kumxazulul­i wezabasebe­nzi kube nesigcawu sokubuyisa­na.

“Isivumelwa­no seminyaka emihlanu esingasemu­kela esika15% kuphela,” kusho yena. Uthe isiphakami­so seSalga samanje siyihlazo futhi siyahlekis­a.

Uqhube wathi omasipala abasabaqas­hi abasebenzi abasha basebenzis­a uhlelo lukahulume­ni lwamatoho, i-Expanded Public Works Programme (EPWP).

“Abasebenzi bayaxhasha­zwa kumele baqashwe ngokuphele­le. Lolu hlelo alungabi yindlela yokuthola abasebenzi abazokhokh­elwa imali encane,” kusho yena.

UMnuz Rio Nolutshung­u omele abakwaSalg­a kulezi zingxoxo akayiphend­ulanga imibuzo ayithunyel­elwe yi-Independen­t Media.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa