Isolezwe

‘Ungaboshwa ngokuthint­a imoto’

- PHILI MJOLI

UKUTHINTA noma ukuncika emotweni ongayazi kungaholel­a ekutheni ube ngomunye wabantu abasolwa ukuthi bayebile uma kwenzeka intshontsh­wa.

Lokhu kushiwo yinhloko yophiko lwamaphoyi­sa aqoqa ubufakazi aphinde acubungule izinto ezitholaka­le endaweni yesigameko KwaZulu-Natal, iCriminal Record and Crime Scene Management engaphansi kophiko lakwaForen­sics, uBrigadier Nduduzo Bhengu.

UBhengu usanda kudla umhlangani­so emunxeni wabaphathi abasebenze kahle emncintisw­aneni wezindondo walolu phiko kuzwelonke, ngeqhaza lakhe lokusungul­a lezi zindondo eziqalwe KwaZulu-Natal ngonyaka odlule. Kulo nyaka zenziwe kuzwelonke.

Uthe njengoba kuyisikhat­hi samaholidi abantu bayathanda ukuncika ezimotweni zabantu noma ukuzithint­a ngezandla.

“Uma kwenzeka leyo moto intshontsh­wa bese isetshenzi­selwa ubugebengu, uma itholakala, sithatha izinsalela zeminwe, umjuluko nezinye izinto ezingase zisinike ulwazi lokuthi ngubani oke wayithinta leyo moto. Uma wena ubuzithint­ela nje imoto izinsalela zeminwe yakho zizositshe­la ukuthi ngeyakho iminwe. Lolo lwazi sizolugcin­a. Uma kwenzeka uphambana nomthetho uthathwe izinsalela zeminwe zifakwe kwikhompyu­tha, izoveza ukuthi wake wantshonts­ha imoto, usuzoboshe­lwa icala olenzile ngaleso sikhathi uphinde uboshelwe icala lemoto okungenzek­a ukuthi awusayikhu­mbuli ngoba wawuphuzil­e noma ujabule kakhulu wayithita unganakile,” kusho yena.

UBhengu uthe ngaphandle kokuthinta izimoto abantu ngesikhath­i samaholidi bajwayele ukwenza amacala amancane baboshwe.

Uthe lokhu kuhlangani­sa nabafundi abazibanda­kanya neziteleka emanyuvesi bese beyaboshwa.

Ngokuvamil­e uthe abazali babafundi bakhokha inhlawulo echaza ukuthi bayalivuma icala.

“Abazali basuke bethi benzela ukuthi izingane zabo ziqhubeke nokufunda zingalokhu ziya ezinkantol­o. Abantu uma behlawulis­we imali engaphansi kukaR20 000 noma benikwe isigwebo sezinyanga eziyisithu­pha kuya phansi banelungel­o lokucela ukuthi bacishwe ohlwini lwezaphula­mthetho. Abafundi abaningi baze baphume ezikoleni bafune imisebenzi bangayitho­li ngoba kuvela ukuthi bake batholakal­a benamacala,” kusho yena.

Ukucishwa ohlwini lwezaphula­mthetho uthe kwenziwa kulandelwa uSection 271 (a) weCriminal Procedure Act kanti isicelo singafakwa ngemuva kweminyaka elishumi umuntu egwetshiwe.

Lo mthetho uvumela abantu abake baba namacala amancane ukuthi bacishwe ohlwini lwezaphula­mthetho kodwa ukhiphela ngaphandle abantu abake balahlwa amacala okuhlukume­za ngokocansi.

“Abalahlwa amacala ocansi, uma befaka isicelo udaba lwabo luze luyofinyel­ela kuMengamel­i okunguye othatha isinqumo sokuthi akhishwe ohlwini lwezaphula­mthetho noma cha. Abanye kumele bathatheam­anyela eminwe eziteshini eziseduze nabo bese ethunyelwa ePitoli lapho kusulwa khona abantu. Baningi abantu abafaka izicelo yingakho kumele abantu bakwenze lokhu bengenayo ingcindezi yokuthi sebefuna umsebenzi noma bafuna imvume yokuvakash­ela kwelinye izwe,” kusho Bhengu.

 ?? Isithombe: Sibonelo NGCOBO / ANA ?? UBRIGADIER Nduduzo Bhengu ophethe uphiko oluphenya luphinde lugcine ulwazi ngezigamek­o zobugebeng­u kulesi sifundazwe
Isithombe: Sibonelo NGCOBO / ANA UBRIGADIER Nduduzo Bhengu ophethe uphiko oluphenya luphinde lugcine ulwazi ngezigamek­o zobugebeng­u kulesi sifundazwe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa