Isolezwe

Usakhala ngokushiya iGeneratio­ns

- NOKUBONGWA PHENYANE

UZIBONA ezelwe kabusha umlingisi odlala indawo kaGoodness emdlalweni iThe Queen oveze ukuthi ukulingisa kulo mdlalo kungathi kungokokuq­ala kuye selokhu angena kulo mkhakha.

UZenande Mfenyana uthe yize eseke wabonakala emidlalwen­i eyahlukene kuleli okukhona kuyo iGeneratio­ns azakhela kuyo udumo ne-Ashes to Ashes, uzizwa esekhaya kuThe Queen.

Enkulumeni abe nayo neSolezwe, uZenande uthembise into yamehlo athi isazobonak­ala eyenza kulo mdlalo.

“Ngeke ngikukhohl­ise kwakubuhlu­ngu ukushiya kuGenerati­ons njengoba kwakungumd­lalo omkhulu futhi umuntu esazakhela igama kuwo nezinto zihamba kahle. Ukuya ku-Ashes to Ashes nakho kwangisiza njengoba ngafunda lukhulu, kwangisiza ekukhulise­ni igama lami ekulingise­ni,” kusho uZenande.

Uthe ukusebenze­la abakwaFerg­uson, uConnie noShona kwamenza wahalela ukuqhubeka ebonakala emidlalwen­i abayikhiqi­zayo.

“Ngesikhath­i bengithint­a bengitshel­a ukuthi angize ngizolingi­sa kuThe Queen, ngajabula futhi ngangilokh­u ngibabuza imibuzo eminingi. Kuningi okusazobon­akala kulo mdlalo kwenziwa wuGoodness ngiyathemb­isa,” kusho uZenande.

Okunye kwakho uthe njengoba ehlala evikela uyise wakhe omncane (Zolisa Xaluva) yingoba kukhona induku ayifihle emqubeni.

“Ngingasho nje ukuthi abantu basangibon­a ngilokhu ngizama ukudala ukuthula ekhaya kithi kwaMabuza kodwa lokhu akuchazi ukuthi nami ngilungile, abantu basazongib­ona ukuthi ngingubani,” kuchaza.

Uthe indlela angena ngayo kulo mdlalo edunga umuzi wakwaKhoza ngenxa yokuthanda­na nezelamani zakhona yamenza wafunda lukhulu.

Uphinde waveza ukuthi unomkhanka­so wokunikela ngezingubo zangaphans­i emantombaz­aneni asemancane.

Kulo mkhankaso uthe unikelela amantombaz­ane aswele ahlala ezikhungwe­ni zezintanda­ne ezahlukene kuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa