Isolezwe

Kuzokhuzwa udlame emahostela ngomculo

- CHARLES KHUZWAYO

ABACULI bakamaskan­di bazokhuza udlame emahostela akhele uMasipala weTheku emcimbini ozoba sePeople’s Park (Moses Mabhida Stadium) kusasa phakathi kuka-9 ekuseni no-6 ntambama.

Kubaculi abazobe bekhuza ukubulalan­a kwabantu kwiPhansi Imimoya Maskandi Festival kubalwa uBuselaphi, Mjikijelwa, Igcokama Elisha, Phuzekhemi­si, Qhoshangok­wenzakwakh­e, Imfezemnya­ma, Amageza Amahle, Nqoko, Izingqongq­o, Mbuzeni, Ithwasa Lekhansela, Uglama Kamaskandi, Dlubheke, Bahubhe, Mgojeli, Izingane Zoma, Abafana bakaMgqume­ni, Falabo, Mkhathazi, Ngelo V, Vusi Ngcobo nabanye.

Abaculi bazobe behambisan­a neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, amakhosi, amakhansel­a nezinduna.

Okhulumela imeya, uMnuz Mthunzi Gumede uthe umcimbi uyindlela yokugqugqu­zela ukuzwana nobumbano kubantu basemahost­ela akhele iTheku.

“Kufanele sazi ukuthi singabantu sonke. Sifuna kuphele izinxushun­xushu ehostela laKwaMashu naseGlebe. Abanye baxabana emahostela bese beyobulala­na nasemakhay­a,” kusho uMthunzi. Uphethe ngokuthi kuyobuye kufiselwe abantu abahlala emahostela uhambo oluhle uma sebegoduka. Uthe nabazobe besele babafisela ukusala ngokuthula.

Omunye wamanxusa alo mkhankaso umsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, ucele abantu ukuba baphume ngobuningi babo ukuzokwese­ka lo mcimbi ngoba kuzobe kungenwa mahhala futhi abahlali basemahost­ela bazolandwa ezindaweni abahlala kuzo.

“Sithi phansi umoya emahostela futhi ayihlale phansi ibambe umthetho,” kusho uNgizwe.

 ?? Isithombe:FACEBOOK ?? UBUSELAPHI uzobe eyibhikla kwiPhansi Imimoya Maskandi Festival ePeople’s Park, eThekwini, kusasa
Isithombe:FACEBOOK UBUSELAPHI uzobe eyibhikla kwiPhansi Imimoya Maskandi Festival ePeople’s Park, eThekwini, kusasa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa