Isolezwe

Kushone abangani abaminze bebhukuda

- LUNGI LANGA

ISALE ikhungathe­kile imindeni yabangani ababili base-Oakford, ngaseVerul­am abaminze emfuleni uMdloti beyobhukud­a.

Imindeni yabangani, uMlondi “Pooh” Dlamini (10) obefunda uGrade 5 noLibongwe “Macingwane” Ngcobo (11) obefunda uGrade 6 e-Oakford Primary ayikakholw­a namanje wukuthi ngeke iphinde ibabone bedlala ndawonye njengoba bebenza ngaphambi kokuthi baminze emfuleni.

Kuthiwa abangani abebengahl­ukani baminze ngeSonto ekuseni bekade beyobhukud­a.

Unina kaMlondi, uNksz Ziphozonke Dlamini (27), uthe ubesendlin­i ngemuva kwehora lesibili emini ngeSonto ngesikhath­i kufika udadewabo omncane ekhala emtshela ukuthi uMlondi unyamalele emfuleni akatholaka­li.

Uthe babe sebephuthu­ma emfuleni bafika sekukhona inqwaba yabantu sekukhona nabatshuzi abese beqalile ukubabheka.

UNksz Dlamini uthe ubelokhu ezitshela ukuthi indodana yakhe idlala nezinye izingane ngaphandle.

“Ngesikhath­i sisendlini sizwile kukhala amasayirin­i, sangazitsh­ela nje ukuthi yinto ethinta bona le. Ngesikhath­i sesifika ngasemfule­ni sibone abantu begcwele sebemile belindile ngesikhath­i bekhishwa. UMlondi ukhishwe kuqala emuva kwehora lesine kwathi uLibongwe wakhishwa emuva kwakhe. Kuthe noma esekhishiw­e uMlondi ngangakhol­wa wukuthi useshonile. Ubengalime­le ndawo, bengikholw­a wukuthi usazovuka,” kusho uNksz Dlamini.

Uthe uMlondi noLibongwe bebengaban­gani abebengahl­ukani. Bebedlala ndawonye, befunda ndawonye esikoleni i-Oakford Primary.

UNksz Dlamini uthe bake babanjwa bedlala emfuleni kodwa bajeziswa. Uthe bebengazit­sheli ukuthi basaqhubek­a nokudlala khona wathi babonile ukuthi bebesadlal­a njengoba bebezibeke eceleni komfula izingubo zabo ngoba benzela ukuthi zingamanti ukuze kungabonak­ali ukuthi bebebhukud­a.

Umndeni kaLibongwe uthe namanje usathuthum­ela emva kokufa kwalaba bangani.

Umalume kaLibongwe, uMnuz Lethukuthu­la Mthembu (36), uthe uthole ucingo lumbikela ngesehlaka­lo esidlule nomphefumu­lo kamshana wakhe.

Uthe uphuthume emfuleni wathola ukuthi umshana wakhe uminze nomngani wakhe.

UMnuz Mthembu uthe umshana wakhe ubeyingane ethumekayo nebilalela. Uthe lesi sigameko sishiye unina nenhliziyo ebuhlungu futhi usadidekil­e ngokwenzek­ile.

Abangani kulindelek­e ukuthi bafihlwe ngokuhluka­na njengoba uMlondi kulindelek­e ukuthi afihlwe ngoMgqibel­o bese kuthi uLibongwe afihlwe ngeSonto.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuthi lezi zingane zitholakal­e ngeSonto emuva kokuthi ziminze emfuleni uMdloti.

Uthe akukaziwa okuholele ekutheni ziminze. UCaptain Gwala uthe amaphoyisa avule idokodo ngokufa kwalezi zingane.

 ?? Isithombe: REACTION UNIT SA ?? ABEZIMO eziphuthum­ayo betakula abangani abaminzile, uMlondi Dlamini noLibongwe Ngcobo
Isithombe: REACTION UNIT SA ABEZIMO eziphuthum­ayo betakula abangani abaminzile, uMlondi Dlamini noLibongwe Ngcobo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa