Isolezwe

Izinkumbi kwelabasol­wa ngokuqotha eGlebe

- MLUNGISI GUMEDE

ABEPHUME ngobuningi amalungu omphakathi efuna ukuzibonel­a amadoda asolwa ngokuba yizinkabi eziqotha abantu ehostela iGlebeland­s, ngesikhath­i evela eNkantolo yeMantshi yaseMlaza izolo.

Inkantolo ibivale ngomuntu emnyango, amanye amalungu omphakathi agcina engangena.

Ezokupheph­a zibonakale zingaqinil­e ngendlela ebilindele­kile njengoba besisincan­e isibalo samaphoyis­a abeqaphe isimo ngaphakath­i enkantolo.

Abasolwa abahlanu, kubalwa nephoyisa bavelile enkantolo izolo, icala lahlehlise­lwa uDisemba 20, ukuze bacele ibheyili.

Omunye umsolwa kuleli cala othathwa njengongqo­ndongqondo ekubulawen­i kwabantu kuleli hostela, uMnuz Mahliphiza Mkhize uvele kwenye inkantolo khona eMlaza izolo.

OMnuz Khayelihle Mbuthuma (32), Vukani Mcobothi (25), Wonderboy Hlophe (37), Seargent Bhekukwazi Mdweshu (37) noMatlala Mdweshu Ntshangase (35) babekwe amacala amane okuzama ukubulala nelilodwa lokubulala.

Inkantolo izwe ubufakazi obuthi uMdweshu oyiphoyisa lesiteshi samaphoyis­a eDurban Central angase engezelwe amanye amacala amabili okubulala.

Laba basolwa abahlanu bafike bavela ndawonye enkantolo, baphinde bavela ngokwehluk­ana abanamanye amacala azimele eceleni kodwa ahlobele nezigameko zakhona ehostela.

Abasolwa bahlangani­swe amacala amane okuzama ukubulala nelilodwa lokubulala.

UMbuso uveze izolo ukuthi uzosinqaba isicelo sebheylili sabasolwa ngoba bangase balibaleke­le icala nokuthi kuthathe isikhathi eside ukuthi baboshwe.

Ummeli kaMcobothi, uMnuz Nhlangulel­a (igama lakhe elingathol­akalanga) utshele inkantolo ukuthi amumele ushaywe kanzima ngamaphoyi­sa ngesikhath­i embopha. Uthe ngesikhath­i eshaywa uMcobothi wayeshiswa nangogesi. Inkantolo izwe ukuthi uMcobothi ngendlela ashaywe ngayo uphuma igazi ezindleben­i nokuthi uchama igazi. Amalungu omphakathi azwakale equma ngesikhath­i ummeli etshela inkantolo ukuthi uMcobothi uphuma igazi ngezindleb­e ngenxa yokushaywa kanzima.

Ithimba labaphenyi liveze ukuthi ukhona umsolwa oyedwa elimfunayo, ongomunye wongqondon­gqondo ekuboshwen­i kwamatulo okusocongw­a kwabantu kuleli hostela.

“Sisezithen­deni zakhe lo msolwa ongomunye wobhongoza. Sizombamba khona maduze,” kusho omunye wabaseshi.

Lo mseshi uthe bonke ofakazi kulawa macala bafakwe ngaphansi kohlelo lokuvikelw­a kofakazi.

Umshushisi u-Advocate Yuthika Munsaur uveze ukuthi uMbuso uzosinqaba isicelo sebheyili sabasolwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa