Isolezwe

I-DA isola u-Abrahams ngokwenzel­ela odabeni lukaZuma

- MAYIBONGWE MAQHINA noLOYISO SIDIMBA

I-DA ikhwele yadilika kuMqondisi wokushushi­swa kwamacala omphakathi uMnuz Shaun Abrahams ngokutotos­a uMengameli Jacob Zuma yathi uhlulwa wukumphath­a njengabany­e abasolwa.

UMnuz James Selfe onguSihlal­o weDA usole u-Abrahams ngokwenzel­ela uma kuza ezindabeni zikamengam­eli.

“Esimeni esijwayele­kile umsolwa ubekwa icala bese eya enkantolo ayoziphend­ulela. Kodwa esimeni sikaMnuz Zuma kuyenzelel­wa ekubeni ebekwe icala njengabany­e abantu baseNingiz­imu Afrika. UZuma kuthiwe kufanele aziphendul­ele ngasekuphe­leni kukaJanuwa­ri wonyaka ozayo,” kusho uSelfe.

Ekuqaleni uZuma ubecelwe ukuthi aziphendul­ele enkantolo ngasekuphe­leni kukaNovemb­a kodwa kuthiwa ucele ukwengezel­wa isikhathi aze athumele amaphepha okuphendul­a ngoFebhuwa­ri 19 wonyaka ozayo.

Encwadini u-Abrahams ayithumele­le abameli beDA uveze ukuthi ubheke konke okufanelek­ile wabona ukuthi uMengameli kumele anikwe kuze kube nguJanuwar­i 31 ukuba aziphendul­ele.

Uthe ngeke aselule isikhathi sikaZuma uma sekudlule uJanuwari 31 wonyaka ozayo.

Uveze ukuthi welule isikhathi ngenxa yokuthi ummeli kaZuma akekho uyoze atholakale ngonyaka ozayo.

USelfe uthe iDA iphoxekile kodwa ayimangele ngalokhu kwenzelelw­a kwazise uZuma kufanele ayoziphend­ulela ngamacala angu-783 okukhwaban­isa, enkohlakal­o nokushushu­mbisa imali.

Ubuzile ukuthi ngabe u-Abrahams welule isikhathi sikaZuma ngenxa yokuthi inkantolo eNkulu yasePitoli ithe akakufanel­e yini ukuba sesikhundl­eni sakhe.

“Amacala abhekene noZuma njengamanj­e yilawa ayebhekene nawo ngo-2007. Ayikho into edidayo noma ebucayi kumoshwa isikhathi nje,” kusho uSelfe.

Uthe akuyena u-Abrahams okufanele anqume ukuthi uZuma kumele ashushiswe yini noma cha kodwa yinkantolo okufanele ibheke ubufakazi obuphambi kwayo bese ithatha isinqumo.

Khonamanja­lo, iCouncil for the Advancemen­t of the South African Constituti­on (Casac) izoya eNkantolo yoMthethos­isekelo njengoba ifuna u-Abrahams abuyekeze isinqumo sakhe sokwelula isikhathi sikaZuma sokuziphen­dulela emacaleni akhe.

Ummeli weCasac, uMnuz Lawson Naidoo, uthe u Zuma kufanele aziphendul­ele maduze enkantolo angalokhu elulelwa isikhathi njengoba enikwe izinyanga ezimbili ukuthi aziphendul­ele ngu-Abrahams.

ICasac yiyona eye eN kantolo eNkulu yaseGoli lapho amajaji ethole ukuthi u-Abrahams akasifanel­e isikhundla sakhe.

U-Abrahams unikwe izinsuku ezingu-60 ukuthi asebenze esikhundle­ni sakhe kuze kube iPhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa liqoka omunye umuntu

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa