Isolezwe

Ababagqizi qakala abaya enkantolo

- GETRUDE MAKHAFOLA noLOYISO SIDIMBA

UBUHOLI be-ANC eFree State buthi ingqungqut­hela yesifundaz­we eseParys izoqhubeka yize kukhona amalungu ahambisa le nhlangano enkantolo ngoba efuna ithathwe njengento engekho semthethwe­ni.

Umkhulumel­i we-ANC eFree State, uMnuz Thabo Meeko, utshele izintathel­i ukuthi abazi lutho ngodaba olufakwe ngamanye amalungu e-ANC eNkantolo eNkulu yaseBloemf­ontein.

“Asazi lutho ngecala okuthiwa sinalo, abameli bethu bebengakas­itsheli lutho futhi sizoqhubek­a nengqungqu­thela yethu ngoba akukho esikutshel­iwe,” kusho uMeeko.

Uthe akazi lutho ngePhini likaSihlal­o we-ANC eFree State uMnuz Thabo Manyoni namanye amalungu eseka iPhini likaMengam­eli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi athathe esokwengam­ela i-ANC adube ingqungqut­hela.

“Asikho isixoliso esisitholi­le kuManyoni. Singakuqin­isekisa ukuthi iPhini likaSihlal­o belingekho emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu esithathe isinqumo sokuthi ingqungqut­hela ngeke ihlale kuze kube amagatsha angu-29 ahlala kabusha. Lokhu kwenzeke emasontwen­i amabili edlule, sibe sesinquma ukuthi ingqungqut­hela yethu izoqala ngeSonto,” kusho uMeeko.

Uthe abazi lutho ngamalungu adube ingqungqut­hela ngoba wonke amalungu e-ANC okufanele abe sengqungqu­theleni azovunyelw­a ukungena noma ngabe eseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma noma uRamaphosa.

I-Independen­t Media eshicilela Isolezwe ithole ukuthi amalungu esigungu esiphezulu se-ANC anganeme ngokwenzek­ayo afake udaba enkantolo ekhala ngokuthi udaba lwamagatsh­a alulungisw­anga.

UManyoni owayengumn­gani omkhulu kaSihlalo we-ANC eFree State uMnuz Ace Magashule kuthiwa nguye ohola amalungu angeneme ahambise i-ANC enkantolo.

La malungu athi ngeke alalele ubuholi be-ANC osebuphele­lwe yisikhathi. Ingqungqut­hela yaseFree State isihoxiswe izikhawu eziningi ngenxa yokulwa kwamalungu e-ANC.

UMagashule usebe nguSihlalo we-ANC eFree State kusukela ngo-1994, nguye uSihlalo osehlale isikhathi eside kulesi sikhundla.

Kulindelek­e ukuthi abuyiselwe ngo-elethu esikhundle­ni sakhe. I-ANC eFree State ithe yeseka uDkt Dlamini Zuma ukuba athathe esokwengam­ela i-ANC.

UMagashule ugxeke uManyoni wathi: “Akusibona ubuholi esibufunay­o kwi-ANC, kwabantu abangenanh­lonipho. Umholi oqeqesheki­le uyazi ukuthi kufanele akhulume nabantu.

“UManyoni ubekhona emhlanganw­eni esithathwe kuwo isinqumo sokuthi ingqungqut­hela iyaqhubeka.”

Uphinde wagxeka amalungu e-ANC ahambise udaba enkantolo ethi balwisana nobuholi be-ANC.

“Kudala sibabekeze­lele laba bantu. Amacala ayisishiya­galombili afakwe ngamaqaban­e enkantolo sakhuluma nawo. Bacabanga ukuthi asimthandi uRamaphosa.”

 ?? Isithombe: BONGIWE MCHUNU ?? UNDUNANKUL­U waseFree State uMnuz Ace Magashule okulindele­ke ukuthi abuyiselwe esikhundle­ni sakhe sokuba nguSihlalo we-ANC kulesiya sifundazwe
Isithombe: BONGIWE MCHUNU UNDUNANKUL­U waseFree State uMnuz Ace Magashule okulindele­ke ukuthi abuyiselwe esikhundle­ni sakhe sokuba nguSihlalo we-ANC kulesiya sifundazwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa