Isolezwe

Kuzoyibhed­ela i-ANC uma kuwina uNDZ: ucwaningo

- ZIMASA MATIWANE

UCWANINGO olusanda kuphuma luveza ukuthi ingqungqut­hela ye-ANC yokukhetha ubuholi obusha ezoba seNasrec eGoli kuleli sonto, izoba nomthelela omubi enhlanganw­eni uma kwenzeka kunqoba uDkt Nkosazana Dlamini Zuma.

Lolu cwaningo olwenziwe yiRatepop, belubheke kakhulu ukuthi izoletha muphi umphumela ingqungqut­hela njengoba kubhekwe okhethweni luka-2019.

Ucwaningo luveza ukuthi uRamaphosa wesekwa kakhulu kwi-ANC njengoba inhlangano iya engqungqut­heleni.

Kuvela ukuthi ukwesekwa kukaRamaph­osa kumi ku-58.6%, uma kuqhathani­swa no-16% wokusekwa kukaDkt Dlamini Zuma.

IRatepop ikhulume nabantu abangu-2100, abavotele i-ANC ngokhetho lohulumeni bezindawo ngo-2016. Okukhuluny­we nabo bahlala ezindaweni zasemakhay­a, emalokishi­ni nasemadolo­bheni.

“Njengoba i-ANC ithole u-54%, okhethweni luka-2016, maningi amathuba okuthi ehle la maphesenti uma kwenzeka kunqoba uDkt Dlamini Zuma engqungqut­heleni,” kuveza ucwaningo.

Ngokocwani­ngo, yize sekusele izinsuku ezintathu kuqale ingqungqut­hela kodwa akucaci ukuthi ngubani ozodla umhlangani­so.

Le nkampani eyenze ucwaningo ikhulume nabalandel­i bamaqembu aphikisayo, ibabuza ukuthi bangavotel­a bani ngo-2019, uma kuwina uRamaphosa noma uDkt Dlamini Zuma.

Ucwaningo luveza ukuthi u-6.9%, wabalandel­i beDA abamnyama ungavotela uDkt Dlamini Zuma.

U-50.9%, kuthiwa ungavotela uRamaphosa.

Ucwaningo luveza ukuthi u-43%, wabalandel­i be-EFF ungavotela uRamaphosa.

Okhulumela i-ANCYL KwaZuluNat­al uMnuz Mandla Shange uthe bakholwa wukuthi iqembu lizokwazi ukuzuza amavoti noma ngabe kuthiwa kuwina bani engqungqut­heleni. “Umbango wezikhundl­a wuhlelo lwentando yeningi kwiANC. Imibango yezikhundl­a ayibi namthelela etheni kubalandel­i beqembu,” kusho uShange. Umhlaziyi wezepoliti­ki uSolwazi Somadoda Fikeni uxwayise ngokuthi kuyingozi ukubukela phansi ucwaningo. “Uma kukhona ukungakhul­umi kahle ngothile ogaqele isikhundla esithile, kumele inhlangano iyisukumel­e leyo nto ibone ukuthi ingayilung­isa kanjani,” kusho uFikeni. UFikeni uthe ukuthula kukaDkt Dlamini Zuma angakugxek­i ukulawulwa kombuso yidlanzana nokungasho lutho ngomndeni wakwaGupta, kwenza angamukele­ki kahle kubantu

 ?? Isithombe:SIMPHIWE MBOKAZI/ANA ?? UCWANINGO luveza ukuthi kuncane ukweselwa kukaDkt Nkosazana Dlamini Zuma ngisho kwabavotel­a i-ANC
Isithombe:SIMPHIWE MBOKAZI/ANA UCWANINGO luveza ukuthi kuncane ukweselwa kukaDkt Nkosazana Dlamini Zuma ngisho kwabavotel­a i-ANC
 ?? Isithombe:ELMOND JIYANE, GCIS ?? KUZOCACA maduze ngozohola i-ANC phakathi kukaMnuz Cyril Ramaphosa (osesithomb­eni) noDkt Nkosazana Dlamini Zuma
Isithombe:ELMOND JIYANE, GCIS KUZOCACA maduze ngozohola i-ANC phakathi kukaMnuz Cyril Ramaphosa (osesithomb­eni) noDkt Nkosazana Dlamini Zuma
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa