Isolezwe

Isikhulu sigxeka inkoleloze ngamaSama

- BONISWA MOHALE

AWUPHELE umqondo wokuthi amaSouth African Music Awards (Sama) enzelwa abaculi baseGoli nabaseThek­wini kuphela ngoba angawabo bonke abantu abakwezomc­ulo. Lokhu kushiwo uThobela Dlamini (osesithomb­eni) oyinhloko yezokusebe­nza kumaSama.

UThobela utshele Isolezwe ukuthi sebeqalile ukwamukela imingenelo yeminxa ehlukene yamaSama angonyaka ozayo njengoba bevule ngoNovemba 1, bezoze bavale ukuyamukel­a ngoJanuwar­i 1 ngonyaka ozayo.

“Kunenkolel­oze yokuthi amaSama yinto yabaculi baseGoli nabaseThek­wini kodwa siyayiqeda ngoba sihambela kuzo zonke izindawo sicela abaculi ukuthi bangenele. AmaSama yinto yawo wonke umuntu waseNingiz­imu Afrika. Kulo nyaka sifuna imingenelo engaphezu kuka-1 000 ngoba ngonyaka odlule sithole engaphezu kuka-500,” kusho uThobela.

Uthe bahambela izindawo ezahlukene ukuqinisek­isa ukuthi abantu bayazi ngamaSama futhi abaculi bayangenel­a.

Uveze ukuthi kunomkhakh­a abawuthule ngonyaka odlule obizwa ngeBest Africa Act owenza abaculi bakuleli bancintisa­ne nabakwaman­ye amazwe.

Uthe lokhu kuvulela abaculi bakuleli amathuba okuncintis­ana noDavido namanye amaciko aseAfrika.

“Abaculi baseNingiz­imu Afrika kufanele nabo badayise umculo eNigeria nakwamanye amazwe. Lo munxa awubacinde­zeli, kunalokho ubavulela amathuba okuzikhang­isa,” kusho uThobela.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi bavote uma sekuvulwe ithuba ukuze kuwine abaculi ababathand­ayo.

“AmaSama awumncinti­swano ofana neminye ngakho kukhona onqobayo nokhala ngaphansi. Lokhu akusho ukuthi kunokukhwa­banisa,” kucacisa uThobela.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa