Isolezwe

Kuphuphuma injabulo kophrojuse ingoma yegqom’ enesasasa elikhulu

- DELI MNCWABE

UKUDUMA kwengoma yegqom’ ethi Ininja sekwenze ibhobhodla­yana laseNanda elinguphro­jusa wayo lihambele phezulu.

UTonic Jazz uthe uphuphuma injabulo ngokuduma komsebenzi wakhe. Lokhu sekumnike inselelo yokuthi asebenze kanzima ukuze umculo wegqom’ unikwe isithunzi osifanele.

“Izithelo zokuzinike­la kwami emculweni seziqalile ukubonakal­a kodwa ngisazofuq­a kuze kube igqom’ inikwa inhlonipho efanele,” kusho yena.

Ukusho lokhu nje mningi umculo asewukhiqi­zile athemba ukuthi uzoduma uma usufinyele­le kubathandi bomculo.

Ngaphandle kweNinja eculwa yiLove Devotion & Peekay Ft Dapid kukhona nethi Wamnandi Umfazi Womuntu apike kuyo iDistructi­on Boyz ethakaselw­a ngabathand­i begqom’. UTonic useke wasebenza nabanye abaculi asebezakhe­le udumo emculweni wegqom’ okubalwa kubo uBizzar noVista bodumo lwengoma ethi Gobisiqolo noSbucardo.

Ngaphandle kwalokhu uTonic useke wafakwa kwi-documentar­y yaseNgilan­di, iPioneers Of Gqom’, lapho yena namaqembu afana neDistruct­ion Boyz bekhuluma kabanzi ngomculo wegqom’.

Yize kumjabulis­a ukuthi umsebenzi wakhe usuyanakwa kodwa okumjabuli­sa kakhulu wukuthi nonina usekwamuke­le ukuthi akukho okungamhlu­kanisa nomculo.

“Eminyakeni edlule umama ubengathan­di ukuba ngingene emculweni efuna ngiqhubeke nesikole. Manje ngiyajabul­a ngoba uyabona ukuthi umculo unekusasa,” kusho uTonic Jazz.

 ??  ?? TONIC JAZZ
TONIC JAZZ

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa