Ayavutha bhe amasela eba imfuyo yabantu eKZN
beyiqaphile imfuyo yabo esezinkanjini noma emadlelweni,” kusho uNkwanyana. Uthe abebelwe imfuyo kumele babikele amaphoyisa. Uma besezindaweni ezisemakhaya kumele babike nasezinduneni nasemakhosini.
“Abafuyi kumele benze isiqiniseko sokuthi banohlelo olwengeziwe lokuvikela imfuyo yabo ngalesi sikhathi. Izindawo ezinamakomiti abhekele ukwebiwa kwemfuyo azakhe amathimba azoshintshisana ngokuyigada ngalesi sikhathi,” kusho yena.
Usihlalo wenhlangano elwa nokwebiwa kwemfuyo KwaZulu-Natal, iKZN Community Crime Prevention Association (KZNCCPA), uMnuz Tallman Zuma, uthe baningi kakhulu abantu abafuna izinkomo, izimbuzi neziklabhu abazozihlaba njengoba kunguDisemba okuvulela amasela imakethe.
“Kule nyanga ziningi kakhulu izinto ezenziwayo, izitokofela eziningi zokudla zihambisana nenyama, abantu abaningi bahlela imicimbi, kuleyo micimbi kudingeka izilwane ezizohlatshwa bese kukhula izibalo zabantu abafuna ukuthenga imfuyo. Amasela nabantu abangosomathuba bayazi ukuthi ngalesi sikhathi imfuyo isuke inonophele ngoba utshani buningi yingakho beba mandla ngalesi sikhathi,” kusho uZuma.
Uqhube wathi ukwanda kokusetshenziswa kobuchwepheshe bezokuxhumana nako kunomthelela. Uthe abanye abantu bashutha izinkomo zabantu bazithumelele abanye abantu bathi bayazidayisa.
“Uma umthengi esethe uyayithanda leyo nkomo lo obethi uyayidayisa engenayo uyahamba ayoyeba ukuze agculise ikhasimende lakhe. Ukube kusasetshenziswa indlela endala yokuthi umuntu afike esibayeni sakho azobheka ngabe akwenzeki lokhu,” kusho uZuma.