Isolezwe

Kunzima kubathengi kunyuka amaqanda

- PHILI MJOLI

ABATHENGI bazothwala kanzima njengoba kulindelek­e ukuthi intengo yamaqanda yenyuke ifinyelele ku-20% ezinyangen­i ezizayo.

Lokhu kudalwe ngukuthi izinkukhu eziningi zifile ngesikhath­i kunomkhuhl­ane wazo i-avian influenza ehlasele emapulazin­i amaningi kuleli ngoJuni.

Izifundazw­e ezithintek­e kakhulu ngokubhedu­ka kwalesi sifo kubalwa, iGauteng, iMpumalang­a neWestern Cape.

Zingaphezu­lu kuka-2 million, izinkukhu ezafa eWestern Cape, lezi zinkukhu bezikhiqiz­a u-70% wamaqanda. Ezitolo eziningi amaqanda angu-30 abiza uR59 99 kuya phezulu.

Osomnotho bezolimo bathi intengo yemikhiqiz­o yezolimo okuhlangan­isa nawo amaqanda iyakhuphuk­a uma lowo mkhiqizo umncane.

Selokhu kubheduke lesi sifo amaqanda aya ngokunciph­a.

Kulindelek­e ukuthi lesi simo sibe ngcono ngemuva konyaka.

Usomnotho wenhlangan­o ecwaninga ngebhizini­si lezolimo i-Agricultur­al Business Chamber (Agbiz), uMnuz Wandile Sihlobo, uthe ingcindezi yokwenyuka kwemali yokuthenga amaqanda isuka emapulazin­i okuyiwo adayisela izitolo.

Uthe ezinkukhwi­ni ezibalelwa ku-4 million ezabulawa ngoba zihaqwe wumkhuhlan­e kwakungeza­maqanda yingakho intengo yenkukhu ingashints­hile.

“Izitolo zithenga ngemali ethe xaxa bese nazo zifaka imali ethe xaxa ukuze zikwazi ukwenza inzuzo, ekugcineni umthengi nguyena ozwelayo uma kunomkhiqi­zo onciphile,” kusho yena.

Uthe uma isimo siba sibi kungaholel­a ekutheni amaqanda angatholak­ali ezitolo.

Izitolo eziningi zakuleli zithi okwamanje ngeke zisaba nazo izipesheli zamaqanda.

AbakwaShop­rite nasePick n Pay bathe basiqaphil­e isimo ezitolo zabo.

UNksz Tamra Vally, wakwaPick n Pay, uthe banesitokw­e esenele samaqanda okwamanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa