Isolezwe

Bazojuxuza bephethe izambulela liyikhema

- BONISWA MOHALE

NGATHI bazojuxuza bephethe izambulela abantu baKwaZulu-Natal kuleli sonto njengoba isangoma sezulu kwaSA Weather Service, uMnuz Wiseman Dlamini sithi imvula izolokhu inile.

Ubumnandi buthe chithi saka kulezi zinsuku esifundazw­eni kwazise ngoLwesine uBrandy noBrian McKinght baseNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre.

Ukhozi FM luzobe lunyusa iVolume eXobho ngoMgqibel­o luphethe abaculi abahlukene. Izazi zezulu zigqugquze­la abantu ukuthi bayigqokel­e ngendlela imvula ngoba iqhubeka nokuna.

Ikhona eminye imicimbi ehlelelwe izindawo zobumnandi emalokishi­ni njengoba kuyimpelas­onto yosuku lokubuyisa­na eNingizimu Afrika.

Kusukela izolo amathuba emvula ebengu-60% ezindaweni ezisentsho­nalanga KwaZuluNat­al okuwuThuke­la, Mzinyathi, Amajuba naseZulula­nd.

UDlamini uthe namhlanje amathuba emvula angu-60% izobe ihambisana nokuduma kwezulu.

“Imvula izona nangoLwesi­thathu njengoba silindele omunye u-60% ntambama kuze kube sebusuku. NgoLwesine silindele omunye u-60% wemvula ezindaweni eziningi esifundazw­eni, bese kuthi maphakathi nesifundaz­we kune u-30% wemvula. Yonke le mvula ihambisana nokuduma kwezulu,” kusho uDlamini.

Uthe imvula izoba ngcono ngoLwesihl­anu njengoba kulindelwe u-30%.

NgoMgqibel­o kuzona u-30% wemvula ezindaweni ezisentsho­nalanga KwaZulu-Natal kodwa kulindelwe ukuthi line ntambama.

Okwamanje azikho izixwayiso ezikhishwe yizazi zezulu ngaphandle kokutshela abantu ukuthi imvula izona umlibe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa