Isolezwe

Azithengwe izincwadi zolwebele ezinolwazi lwamanje

-

INTO ebhalwe phansi yinhle ngoba ihlale ikhona futhi isiza izizukulwa­ne ngezizukul­wane ngoba iqoshiwe. Kuhle kakhulu uma leyo nto isuke ibhalwe ngolimi lwakhe umuntu. Yingakho nje sijabula sinconcoza ngezincwad­i ezintathu ezisanda kwethulwa futhi zonke ezibhalwe ngesiZulu. UNksz Nokwazi Mzobe wethule incwadi yokusiza osomabhizi­nisi abancane. Umhlahland­lela Wamabhizin­isi Amancane wethulwe ngeledlule.

Uthe uhumushe incwadi ayibhala ngesiNgisi ngoba abantu bayiqonda kalula into ebhalwe ngolimi lwabo futhi bebelukhal­ela lolu lwazi lapho ehamba khona uma ecobelela ngolwazi kosomabhiz­inisi.

Yiqiniso lelo futhi kumqoka ukuthi izinto ngisho okungelula noma angandile amagama azo ezilimini zesintu sizame ukuthi zibhalwe ngezilimi zethu futhi ongoti bolimi basilekele­le ukuqhamuka namagama azo ngoba kusiza nasekukhul­iseni ulimi.

Emasontwen­i ambalwa edlule, uNksz Shalo Mbatha, naye wethule incwadi ebhalwe ngomlando wamaZulu esihloko sithi Umlando Nobuqhawe BukaZulu, nayo ebhalwe ngesiZulu.

Kade abantu bezinye izinhlanga bebhala ngomlando kaZulu ngesiNgisi futhi kokunye bawuhlanek­ezele noma bachaze izinto ngendlela engeyiyo ngoba bengaqondi ukuthi izinto zazenziwel­ani ngendlela ezazenziwa ngayo obekuholel­a ekuthenini bagcine sebelulaza namasiko ethu. Ngenyanga edlule kwethulwe incwadi ekhuluma ngempilo yenkakha yomdlali, uCedric “SugarRay” Xulu esihloko sithi Sibuka Ngeso Lesihlaban­i ebhalwe nguMnuz SD Khumalo ongumbhali we-Azibuye Emasisweni nencwadi ethi Isiqalo Esisha.

Akuve kubuhlungu ukuthi umlando webhola kuleli awuqoshiwe ekubeni kuyiwona mdlalo omkhulu kunayo yonke futhi linomlando onothile nomuhle ngabantu abamnyama.

IsiZulu sizokhula uma banda abantu abenza njengoNksz Mzobe, Nksz Mbatha noKhumalo.

Izincwadi lezi okumele zibe khona kuyona yonke imindeni ekwaziyo ukukhuluma nokufunda isiZulu ngoba uma singazithe­ngi thina, akekho ozozitheng­a.

Akekho futhi ozokweseka ababhali abamnyama uma singabasek­i thina.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa