Isolezwe

Isililo sezintanda­ne ngozohola izwe elibulawa wumgolo

-

NGIVUSWA phakathi kwamabili kuthiwa angihambe ngiye ezintandan­eni ezalahlwa nezadikilw­a ngonina. Ngiqalaze magumbi omane omhlaba, ngingaboni muntu. Liqhamuke futhi ilizwi: “kanti awuzwa yini”? Ngikhumbul­e kwakushiwo ukuthi ngalesi sikhathi kuyothiwa angiyothan­daza nezintanda­ne.

Ngivuke ngigqoke, ngahamba ngiyothand­aza nezintanda­ne.

Angisibuza­nga isikhathi kongitshel­ile sokuqala komthandaz­o, yingakho ngifike sebeqalile. Kuxubene izingane zezinhlang­a zonke, abadala nabancane babambene ngezandla.

Sebeyathan­daza: “Baba Somandla namhlanje nakhu lapho sikhona.

Sibhekise amakhanda phansi kwehl’izinyembez­i. Isibibithw­ane sayizolo nakuthangi namhlanje, simile.

Wathi umsindisi kubafundi bakhe becela abafundise ukuthandaz­a abothi: “Baba wethu osezulwini malidunyis­we igama lakho.”

Sikushilo lokho imihla namalanga sicela, sithandaza kodwa namhlanje sesicela ukuphahla. Siphahla emimoyeni yalabo abalwela obabamkhul­u nokhokho, ze sithole inkululeko.

Omnyama owayegqila­ziwe engaziwa nakuba uyizibi zezala noma umlotha. Balwa badikila izingane nemindeni yabo njengalokh­u nathi sidikilwe. Sidikilwe ngobaba esingabazi nomama bashona. Namuhla sizintanda­ne.

Siqoqelwe lapha singenamhl­abelo nasitsha sokudlela.

Kodwa okusalayo siyazi singama-Afrika alwela ama-Afrika ayephokoph­ele ukusibona siyimbumba engayohlak­azwa sisu sendlala nokulamba komuntu, kokulambel­a isikhundla sokuphatha kanti kusasa kuzovuka umgolo nomona.

Silapha-ke baba Sebawoti sicela ukuphakami­sa amagama aleyo mimoya

yabo ibe mdibimunye nabo bonke abazobe bekhona ezindlini zaseNasrec.

Inhloso yakhona kungukukho­mba ozosihola kusasa asikhiphe ebubheni bokubulala­na, indlala, izikhundla zesisu nokugombel­a kwesabo. Kodwa kuphume abaholi abayofana noDkt John Langalibal­ele “Mafukuzela” Dube, Alfred Mangena, ZK Mathews, Muntu Myeza, Dennis Brutus, Mazisi Kunene, Henry Nxumalo, Eskia Mphahlele, Henry Selby Msimang, (unkonka wefusi), Sokesimbon­e Mpanza, ubaba waseSoweto, Robert Mangaliso Sobukwe, Sichiphiza izinyembez­i kinina mama: Charlotte Maxeke, Victoria Mxenge, Dorothy Nyembe, Mirriam Mageba, bomama namhlanje asinamama asikhali zingalweni zamuntu, kunalokho selokhu sahlala lapha sincinda iminwe nezithupha. Siyezwa umama Nkosazane Dlamini Zuma usohlwini uzokhethwa kodwa yehlelani phezu kwekhanda lakhe abe umama njengani nina enaningakh­ethi bala, ningalanga­zelele nzuzo yesisu namandla nodumo.

Obaba namhlanje asibazi nodadeweth­u nabafoweth­u njengalokh­u sangena saboshelwa lapha: kusukela izolo kuze kube namhlanje. Uma sicabanga ngabo kwehla izinyembez­i sifise intambo sizikhunge. Kodwa ngani.

Baba Nelson Mandela wahamba usibumbile isizwe indlala namandla nodumo awukufisan­ga. Sikubopha ngaxhama linye noGovan Mbeki, Steve Bantu Biko, Onkgopotse Tiro, Tsietsie Mashinini, Khotso Seathlolo, Archbishop Trevor Huddleston­e, Archbishop Dennis Hurley, Alex Laguma, Ray Alexander, Msizi Dube, Andrew Zondo, Herbet Gumbi, Sipho Sibusiso Maseko, Phila Ndwandwe, sithi ngemimoya yenu nangu uRamaphosa ukhonjiwe mpheni amandla uma kufanele kube nguye, sabona uThabo Mbeki ekhishwa kabuhlungu sathemba nizomlekel­ela, bathi uhlulekile, amathemba okubumbeka koMsamo wobu-Afrika nomnotho kwashabala­la, safana nenja ephucwe ithamba emlonyeni.

Bomama: Miriam Tlali Mkhize, Ruth First, Bertha Gxowa vezani amabele enu bancele ubumama nobuntu, bathole ubudoda nobubaba kuChris Hani, Ben Makhosezwe Magubane, Joe Slovo, Anton Lembede, Phila Ndwandwe, Clements Kadalie, Herbet Dlomo, nawe Imraaan Moosa.

Thina asikhethe nkosi asikhethe bulili nabuzwe bomholi kodwa esikucelay­o ukuthi le ngqungquth­ela eniya kuyona akuyona ekaKhongol­ose, ikweleta ukubunjwa komsamo onomlando owaqala kulezi zigagayi, ezazingabh­eke nzuzo nakwanelis­a izangcobe zemindeni yazo. Emakhanda babethwele ubufowethu nobudadewe­thu, bokukhulul­ana nokubamban­a namhlanje esesibona ukufa kwabantu imihla ngemihla njenga abanye bethu abazali babo bahamba kanjalo.

Nakhu lapho sihlezi khona, izisu zethu zikhala ubukloklok­lo.

Sibheke phezulu siyathanda­za siyaphahla.

Kukhona konke enizokwenz­a ningazikhu­mbuli nina kodwa nikhumbule

izwe lethu njengengxe­nye ye-Afrika nomhlaba nesaphucwa khona.” ASIPHAHLE “Umoya nomphefumu­lo kaBaba Oliver Tambo awube phezu kweqiniso”. Bhedlindab­a 033-5691317/ 0797471911/ 0728972001.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa