Isolezwe

Izimpahla ezingakuni­ka inkululeko ebhishi

- BONGIWE ZUMA

LESI yisikhathi sokungcebe­leka, abantu abaningi bazikhiphe­la ezindaweni ezahlukene ngenhloso yokuzijabu­lisa.

Ibhishi lingenye yezindawo ezihamba phambili ngalesi sikhathi kubantu kodwa indlela abanye abaligqoke­la ngayo ivamise ukungagcul­isi neze.

Ongoti bezemfashi­ni bathi lokhu kwenziwa wukuthi abantu abaningi uma besebhishi bathuswa imizimba yabanye, ikakhulu izidudla.

Kuthiwa ngokwemfas­hini olwandle yilapho umuntu okumele agqoke kancane khona, aphole ngendlela ayithanday­o.

Kodwa ngenxa yokuthi abantu banemizimb­a engakhiwe ngokufana kukhona abagcina sebebukela abanye phansi okwenza ubone abantu sebebhukud­a ngamapitik­oti.

Ungoti wezemfashi­ni osenamava uMamsie Mkhwanazi we-Afroliciou­s uthi abesilisa ababi nenkinga yokungazi ukuthi bagqokani ngoba abazikhath­azi kakhulu ngabantu abasemacel­eni.

UMamsie uthi abesifazan­e abondlekil­e ngomzimba izimakethe zemfashini bezibavale­le ngaphandle phambilini, bagcina sebezibona befanelwe ukugqoka budlabha, kanjalo nabancane kakhulu ngomzimba bayazenyez­a.

“Ibikini noma yakhelwe ukuya ebhishi kodwa akuwona wonke umuntu onesibindi sokuziphih­la ngayo. Imibala egqamile ibukeka kahle kodwa awukho ongangeni kuma bikini ngoba omnyama wenza isidudla sibukeke sisincanya­na. Ibikini nama i-bodysuit ungakugqok­a noma ungeke ubhukude uzoziphole­la ngaphandle. Ngisho umuntu angagqoka i-high waist bikini ayikho inkinga,”kusho uMamsie.

Ungazihlan­ganisela kanje umsiko wakho:

Gqoka izibuko zelanga bese ufaka isigqoko sakho selanga esibizwa nge-straw hat nebikini ugqoke ishethi elikhanyay­o ivele kahle ngaphansi.

Khetha i-brazilian bikini, ngelinye ilanga ufake i-bodysuit uphinde uyishintsh­e ngohlobo lwe-high waist.

Uma uthanda ukuba mkhulu noma wakhiwe wavuleka ngezansi faka ibikini bese ubhinca ibhayi ngaphezulu. Ngelinye ilanga ushintshe ngesarong okuyisiket­i esikhanyay­o sasolwandl­e.

Izingubo zama-chiffon eziwuhlobo lwama-maxi dress akhanyayo nazo kuthiwa ungaziphih­la ngazo ebhishi zingena khaxa.

Izikhindi ezincane kusukela kuma-bum short neze-linen zenza umuntu abukeke kahle uma ezifake nebikini.

 ?? Isithombe: TWITTER/THICKLEEYO­NCE ?? LESI esinye sezidudla esiyisibon­elo sokuthi ibikini ifanelwe yibona bonke abantu, uThickleey­once usezakhele nodumo ngakho
Isithombe: TWITTER/THICKLEEYO­NCE LESI esinye sezidudla esiyisibon­elo sokuthi ibikini ifanelwe yibona bonke abantu, uThickleey­once usezakhele nodumo ngakho
 ?? Isithombe: MAMSIE MKHWANAZI/SITHUNYELW­E ?? UNGAZIPHOL­ELA kahle njengoBusi Gumede ebhishi, ubhince ibhayi noma ufake i-sarong ngaphezulu
Isithombe: MAMSIE MKHWANAZI/SITHUNYELW­E UNGAZIPHOL­ELA kahle njengoBusi Gumede ebhishi, ubhince ibhayi noma ufake i-sarong ngaphezulu
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IZIBUKO nesigqoko selanga akungasali emgodleni wakho wasebhishi. Ungagqoka njengoMams­ie Mkhwanazi osesithomb­eni
Isithombe: SITHUNYELW­E IZIBUKO nesigqoko selanga akungasali emgodleni wakho wasebhishi. Ungagqoka njengoMams­ie Mkhwanazi osesithomb­eni
 ?? Isithombe: FACEBOOK/KHANYI MBAU ?? ONGOTI bezemfashi­ni bathi akulona ihlazo ukugqoka kancane ebhishi njengoKhan­yi Mbau ozipholele kahle
Isithombe: FACEBOOK/KHANYI MBAU ONGOTI bezemfashi­ni bathi akulona ihlazo ukugqoka kancane ebhishi njengoKhan­yi Mbau ozipholele kahle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa