Isolezwe

Bekubanjwa kuyekwa ngemfundo

- MHLENGI SHANGASE

UKUXOSHWA kukaNgqong­qoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, ukusula kwephini lakhe uMnuz Mduduzi Manana ngemuva kokusabala­la kwe-video eshaya abesifazan­e abathathu, ngezinye zezinto ezenzekile kulo nyaka kwezemfund­o ephakeme.

Umnyakazo kaMengamel­i Jacob Zuma wokukhomba indlela uNzimande wathukuthe­lisa amaKhomani­si athi ukwenze lokhu ngaphandle kokuxhuman­a namadlelan­dawonye okukhona kuwo iCosatu, Sanco nayo iSACP. UZuma waqoka uMnuz Buti Manamela, oke waba nguNobhala jikelele woFasimba ukuvala isikhala sikaManana, kwesikaNzi­mande waqoka uSolwazi Hlengiwe Mkhize owayeyiphi­ni likangqong­qoshe kulo mnyango.

UManana wagwetshwa unyaka ebhadla ejele noma akhokhe inhlawulo engu-R100 000. Wanquma ukukhokha u-R100 000 wakhokha nezindlelo zokulashwa kwabagilwa nguye.

Okunye okushaqise abantu bakuleli wudaba lomfundi waseWalter Sisulu University owafakelwa ngephutha uR14 million woxhaso okuyimali ephuma esikhwamen­i esixhasa abafundi ngemali iNational Studennts’ Financial Aid Scheme.

Lowo mfundi kwakumele athole u-R1 400 kodwa wafakelwa leso sizumbulu okuthiwa wagcina esedle kuyo engaphezul­u kuka-R818 000, ethenga izinto ezibizayo amaselula, ehambela imicimbi emikhulu iDurban July neminye.

Abafundi babeveva bekhala ngokuthi bahlale bengayitho­li imali yoxhaso kulesi sikhwama kodwa kunemali enkulu efakelwe umfundi ngephutha.

Kusaqhubek­a uphenyo mayelana nalolu daba. Amanye amanyuvesi kudingeke ukuthi alungise izinto ezithile ukuze aqhubeke anikeze ngeziqu zomthetho. Enye yawo wuNgoye, iCouncil for Higher Education edinga ukuthi ilungise izinto ezithile ngaphambi kokuba igunyazwe ukuqhubeka nalezi ziqu, Unisa nenyuvesi yaseKapa.

Amanye okubalwa i-UKZN agunyazwa ukuthi aqhubeke akhiphe lezi ziqu ngemuva kokuhlanga­bezana nemibandel­a ebekwe wumkhandlu.

Lo mkhandlu usemkhanka­sweni wokubuyeke­za umkhakha wezomtheth­o kuleli yingakho ubhekisisa ukufundisw­a kweziqu zomthetho emanyuvesi ahlukene kuleli.

E-UKZN kuputshuke iphepha kubafundi abenza i-psychology okwenze ukuthi liqalwe phansi njengoba lase lisabalele nesezinkun­dleni zokuxhuman­a.

Kubuye kwaqubuka umkhonyovu wokudayisw­a kwezikhala esikhungwe­ni sokufundis­a ubudokotel­a njengoba kuthiwa izikhala zokufunda zazithengw­e ngemali.

Neziteleka zibe khona kulo nyaka kwamanye amanyuvesi, okubalwa nayo i-UKZN, DUT namanye.

Indaba yemfundo yamahhala ayisalanga ngaphandle kulo nyaka. Ikhomishin­i eyajutshwa nguZuma ukuphenya ngemfundo yamahhala, ebiholwa yiJaji uJonathan Heher eselathath­a umhlalapha­nsi, ikhiphe umbiko lapho iphakamisa ukuthi kube nohlelo lokuboleka imali kusetshenz­iswana namabhange amakhulu ukuze kuxhaswe abafundi.

Kwenzeka lokhu nje abafundi bavele basabise ngokuthi uma kuqala unyaka kuzoba neziteleka njengoba befuna imfundo yamahhala kuphela.

Ubuholi be-ANC kwezinye izifundazw­e sebuyalele ukuthi uhulumeni ahlinzeke ngale mfundo ngonyaka ozayo.

Ngisho engqungqut­heleni yale nhlangano ezobe iseNasrec eGoli, indaba yemfundo yamahhala izobe iseqhulwin­i njengoba nophiko lwentsha lwale nhlangano neSasco ziyalele le nhlangano ukuthi iqinisekis­e ukuthi imfundo yamahhala iyaqala ngoJanuwar­i wonyaka ozayo.

 ??  ?? BLADE NZIMANDE
BLADE NZIMANDE
 ??  ?? MDUDUZI MANANA
MDUDUZI MANANA
 ??  ?? HLENGIWE MKHIZE
HLENGIWE MKHIZE
 ??  ?? BUTI MANAMELA
BUTI MANAMELA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa