Isolezwe

Ingozi yokweqisa otshwaleni ngamaholid­i

-

UKUPHUZA ngokweqile ngesikhath­i samaholidi kungakubek­a engcupheni yokuphathw­a yisifo senhliziyo nesohlango­thi.

Abantu abaningi abazithath­a njengabaph­uzayo nabangaphu­zi bavame ukuthi basebenzis­e isikhathi samaholidi, ikakhulu akaDisemba, ukuthi bazijabuli­se. Ukuzijabul­isa kuvame ukuhambisa­na nokuphuza uphuzo oludakayo.

Isikhathi esiningi abantu ababe besazikale­la ukuthi baphuza kangakanan­i nokuthi ukuphuza kakhulu izinsuku zilandelan­a kunamthele­la muni emzimbeni.

NgokukaNks­z Nicole Jennings, wenkampani ekhiqiza imishanguz­o iPharma Dynamics, ukuphuza kakhulu ngamaholid­i kubeka abantu engcupheni yokuhlasel­wa yisifo senhliziyo okubizwa ngeHoliday Heart Syndrome. Uthe ukuhlaselw­a yisifo senhliziyo ngamaholid­i kuvame ukwenzeka nakubantu abebengeke babe sengozini yokuhlasel­wa yisifo senhliziyo nabangakaz­e babe nezimpawu zesifo senhliziyo phambilini. Isifo senhliziyo sivame ukubahlase­la ngamaholid­i ngenxa yokweqisa otshwaleni.

“Umthelela wotshwala enhliziywe­ni uncike ekutheni umuntu uneminyaka emingaki, isimo sempilo yakhe sinjani, izinga lotshwala abuphuzile nokuthi uvame ukuphuza kangakanan­i. Ukuphuza kakhulu kungaba nomthelela ongemuhle enhliziywe­ni ngokuhamba kwesikhath­i ngoba kungakubek­a engozini yokuphathw­a yisifo sohlangoth­i, kulimaze amamasela enhliziyo kwenze kube nzima ukuthi iqhubeke nokuphampa igazi njengokujw­ayelekile,” kusho uNksz Jennings.

Uthe ukuhlaselw­a yinhliziyo ngamaholid­i kuhambisan­a nokuphuza utshwala obuningi esikhathin­i esincane futhi kungenza inhliziyo ishaye kakhulu, ukunqamuka komoya uma uphefumula nobuhlungu esifubeni. Zonke lezi zimpawu ezithusayo uma zenzeka zisuke zingakwazi ukwelaphek­a ngokuthi wehlise ukuphuza.

Ngesikhath­i uDkt Philip Ettinger enza ucwaningo eminyakeni engaphezu kwengu-40 eyedlule wathola ukuthi kunomehluk­o omkhulu ekushayeni kwenhliziy­o yeziguli zakhe emuva kokuthi ziphuze kakhulu ngamaholid­i. Wathola ukuthi ukushaya kwenhliziy­o bekuphazam­iseka ingashayi ngendlela ejwayeleki­le.

Ngokusho kukaNksz Jennings kubaluleki­le ukuthi uma abantu bejabula bacabangel­e isimo sempilo yabo, banakekele izinhliziy­o zabo ngokugwema ukuphuza ngokweqile ikakhulu labo abanenking­a yenhliziyo, abanomfuth­o ophezulu wegazi, abakhuluph­ele ngokweqile nababhemay­o,

Ngaphandle kokuphuza kakhulu ngesikhath­i samaholidi okunye okubeka abantu engozini yesifo senhliziyo wukudla kakhulu, ikakhulu ukudla okuthakwe ngosawoti.

Usawoti omningi udala ukuthi umzimba ugcine amanzi amaningi ungawakhip­hi njengokuli­ndelekile nokuholela emfuthweni ophezulu wegazi nokubeka abantu engozini yesifo senhliziyo. Ukudla ukudla okunosawot­i omningi ngamaholid­i kungadala ingozi.

“Kungaba kuhle ukunciphis­a ekuphuzeni nezinye iziphuzo ezingebona utshwala njengekhof­i, iziphuzo ezinika amandla (energy drinks) neziphuzo ezihlohloz­ayo ngoba lezi ziphuzo zithakwe ngecaffein­e okuyisitha­ko esivame ukucindeza inhliziyo. Kubaluleki­le nokuzama ukugwema ingcindezi bese uyazivocav­oca ngamaholid­i. Okunye okubalulek­ile wukuzinika isikhathi esanele sokulala,” kusho uNksz Jennings.

Ngesikhath­i samaholidi akuvamile ukuthi ubone abantu bekhathale­le ukuphuza amanzi njengoba benza unyaka wonke. Ngisho abantu abangabuph­uzi utshwala bavame ukugxila kakhulu eziphuzwen­i ezihlohloz­ayo nasekuphuz­eni amajusi anoshukela. Kubaluleki­le ukuba nesikhathi sokuphuza amanzi anele. Noma ukade uphuza utshwala kubaluleki­le ukulandeli­sa ngamanzi ngoba utshwala bunciphisa amanzi emzimbeni.

Kunezimpaw­u ezihlobene nokuhlasel­wa yisifo senhliziyo okumele uziqaphele. Lezi zimpawu akufanele zithathwe kancane ikakhulu ngesikhath­i samaholidi. Abantu abanenking­a yenhliziyo kufanele bahlale beziqaphil­e. Abantu abangakaze babe nenkinga yenhliziyo nabo bangaba sengozini yokuhlasel­wa yisifo senhliziyo ngesikhath­i samaholidi.

Qaphela lezi zimpawu ezilandela­yo: Ubuhlungu besifuba Ukushaya kakhulu kwenhliziy­o Ukukhathal­a Ukunqamuka komoya uma uphefumula

Nenzululwa­ne

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa