Isolezwe

Uphenyo ngembangel­a yomlilo ongqongqis­e inkampani

- BONISWA MOHALE

KUPHENYWA ngembangel­a yomlilo oqubuke kwenye yezinkampa­ni eziseNingi­zimu yeTheku izolo ekuseni.

UMnuz Garrith Jamieson, wenkampani yezimo eziphuthum­ayo iRescue Care, uthe baphuthume efemini ebisha emgwaqweni uSouth Coast eduze komgwaqo uKenyon Howden, eThekwini, izolo ekuseni bafica umlilo obusha ubuhanguha­ngu.

“Sifice izicishaml­ilo zikaMasipa­la weTheku zimatasa zicisha umlilo. Zigcine ziphumelel­e ukucisha futhi akulimalan­ga muntu,” kusho uJamieson.

Uthe bathole ukuthi umlilo uqale ngehora lokuqala entathakus­a izolo efemini egcina irayisi, izinongo namabhokis­i kamentshis­i.

Uveze ukuthi umlilo uvuthe waze wadlulela esitezi sokuqala wacekela uphahla oluvele lwavodloka.

UCaptain Nqobile Gwala wamaphoyis­a KwaZulu-Natal ukuqinisek­isile ukuthi kube nomlilo oqubuke kwenye yamafemu aseThekwin­i wathi kodwa alikho icala elivuliwe.

Uthe ubhekile eziteshini zabo eziseduze nale femu okuyisites­hi saseMbilo nesaseMont­clair kodwa akunacala elivuliwe.

Imizamo yokuthola abanikazi befemu ayiphumele­langa njengoba bengathand­anga ukuphawula ezintathel­ini ebezisenda­weni yesigameko izolo.

Akuyona ifemu yokuqala lena eshe kwangavulw­a icala ngoba ngoMashi kwasha ifemu okusolakal­a ukuthi yayigcina amakhandle­la kwaba mnyama bhuqe eRossburgh.

Alikho icala elavulwa kanti nanamhlanj­e akukho mnikazi wefemu owakhuluma nezintathe­li ngembangel­a yawo nokuthi walahlekel­wa yimalini ngokusha kwayo.

 ??  ??
 ??  ?? UMQONDISI weHuman Sciences Research Council uDkt Olive Shisana amukela umklomelo kuNgqongqo­she wezeSayens­i nobuChweph­eshe kuleli uNkk Naledi Pandor ngesikhath­i kunomcimbi wokucobele­lana ngolwazi ngezinto ezithinta isayensi nobuchweph­eshe iScience Forum...
UMQONDISI weHuman Sciences Research Council uDkt Olive Shisana amukela umklomelo kuNgqongqo­she wezeSayens­i nobuChweph­eshe kuleli uNkk Naledi Pandor ngesikhath­i kunomcimbi wokucobele­lana ngolwazi ngezinto ezithinta isayensi nobuchweph­eshe iScience Forum...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa