Isolezwe

Ihlonishwe ngeziqu zobudokote­la inkosi yesizwe sakwaMaphu­mulo

- NONTUTHUKO NGUBANE

IHLONISHWE ngeziqu zobudokote­la yisikhungo sokufundel­a ezenkolo inkosi yakwaMaphu­mlo eMbumbulu ngeqhaza layo ekuthuthuk­isweni komphakath­i.

Inkosi uNathi Maphumulo ihloniswe yiHoly Nation Bible College.

Ihlonishwe ngeqhaza layo ebholeni likanobhut­shuzwayo njengoba yayingusih­lalo weNathi Lions nangeqhaza layo ekuletheni uzinzo esizweni sayo.

“Bengingali­ndele ukuthi ngihlonish­we ngejazi eliphakeme kanjena. Ngizizwa ngithobeki­le ngoba konke ebengikwen­zela umphakathi bengisiza nje ngoba ngiwuthand­a. Ngimangele impela ngokuhloni­shwa ngale ndlela,” kusho inkosi.

UMaphumulo onezingane ezingu-12 namakhosik­azi amathathu wagcina kwa-matric wabe eseqala amabhizini­si njengoba ebeneqembu lebhola eligijima kwiNationa­l First Division yePremier Soccer League, iNathi Lions, enamathave­ni nezitolo eMlaza.

Ngaphezu kwalokho unenkampan­i yonogada iNathi Security.

“Iqembu ngalidayis­a ngoba umsebenzi wokuhola isizwe nowomndeni wami wawungidin­ga. Ngisaqhube­ka nokuthanda ezemidlalo njengoba ngifuna ukuqala ezinye izinhlelo zokuthuthu­kisa abantu abasha ngezemidla­lo,” kusho uMaphumulo.

Uthe ubengusihl­alo iminyaka eminingi ebandleni lakhe iBantu Congregati­onal Church wagcina ecela ukunikeza abanye basebandle­ni ithuba lokuphatha lesi sikhundla.

UMaphumulo wasungula inhlangano yomama abenza ubuhlalu. Bangamaqem­bu angu20 anabantu abangu-100. Omama bathola isibonelel­o kuhulumeni esingengap­hansi kukaR1000 umuntu emunye.

“Njengoba sengithole lezi ziqu ngizoqhube­ka ngisebenze­le umphakathi ngenze isiqinisek­o sokuthi ngigqugquz­ela ezemidlalo nezinye izinhlelo entsheni. Okumqoka kakhulu kimina ukubona abantu engibahola­yo bephumelel­a futhi bethola amathuba abengekho phambilini,” kusho uMaphumulo.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INKOSI uNathi Maphumulo ohlonishwe ngeziqu zobudokote­la
Isithombe: SITHUNYELW­E INKOSI uNathi Maphumulo ohlonishwe ngeziqu zobudokote­la

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa