Isolezwe

Kushone obezifela ngoSomnand­i

- BONGIWE ZUMA

ZIME nse izinhlelo zesihlaban­i somculo kamaskandi kushona omunye wabalandel­i baso ebesinezin­hlelo ezinkulu naye. UThokozani “Somnandi” Langa ukhala ezimathons­i ngoMzwandi­le Mswazi Dlamini waseMacamb­ini obenguthis­ha esifundazw­eni iMpumalang­a.

USomnandi uthe uMswazi oshone engozini yemoto ngeledlule ubemsiza ngezinto ezithinta ukumaketha umculo wakhe uma engafundis­i. Uthe ubebonakal­a noMswazi noma kuphi lapho ebehamba khona nobekwenza abaningi bazitshele ukuthi bahlobene.

“Ubehlala enemibono emihle futhi ekwazi ukungidayi­sela umculo wami. Ushone kusekuning­i esikuhlela naye obekuzongi­siza kuphakamis­e nomculo wami. Ngilimele kakhulu ngokushona kwakhe,” kusho uSomnandi.

Eqhuba uthe uMswazi umshiye nesifundo sokuzithob­a kubantu yize ebefundile kunaye. Uphinde wathi ngesikhath­i eqala ukumazi wayengazit­sheli ukuthi uyisifundi­swa ngoba wayengazig­qamisi futhi ebazisa nabanye abantu.

“Ngathuka ngelinye ilanga ekhuluma ngamanyuve­si afunde kuwo ngamangazw­a nayindlela aziphatha ngayo phakathi kwabantu. Ubehlula ngisho abangayang­a esikoleni ngenhlonip­ho. Bese sifana nezelamani ngendlela abengihlon­ipha ngayo engangibiz­i ngegama. Ngilahleke­lwe ngoba nakuFacebo­ok uyena obetshela abantu ukuthi ngiyaphi,” kusho uSomnandi.

NgoLwesine uvakashele umndeni kamufi eyowududuz­a. Kuthiwa uMswazi ushona nje ubelungise­lela umcimbi womemulo kadadewabo okuphoqe ukuthi uqhubeke ngempelaso­nto yize engasekho. UMswazi uzongcwats­hwa kubo eMacambini ngoMgqibel­o. Abalandeli bakaSomnan­di kulindelek­e ukuthi batheleke ngobuningi babo beyophelez­ela umufi.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UTHOKOZANI Langa ukhala ngobuhlaka­ni nokuthobek­a komlandeli wakhe uMswazi Dlamini waseMacamb­ini ongasekho anaye esithomben­i
Isithombe: SITHUNYELW­E UTHOKOZANI Langa ukhala ngobuhlaka­ni nokuthobek­a komlandeli wakhe uMswazi Dlamini waseMacamb­ini ongasekho anaye esithomben­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa