Isolezwe

UMoloi akayingeni eyamarekho­di

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weChippa United, uTebogo Moloi, usole abadlali bakhe ngokuzithw­ala okudalwe wukwehlula iKaizer Chiefs ngesonto eledlule.

IChili Boys ibuyiselwe kwamhlaba yi-Ajax Cape Town eyixebule ngo 1-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p eBidvest Stadium, eGauteng, ngoMgqibel­o ebusuku.

Igoli le-Urban Warriors lishaywe nguThabo Mosadi. IChippa isahlulwe kabili emidlalwen­i engu-13 ngaphansi kukaMoloi othathe izintambo kuDan Malesela okhonjwe indlela ekuqaleni kwesizini.

NgoLwesihl­anu, usihlalo weChippa uSiviwe Mpengesi, ugixabeze uMoloi ngesikhund­la sokuqeqesh­a ngokugcwel­e. Emuva komdlalo ne-Ajax uMoloi uthe abadlali bakhe abazange benze okwanele.

“Besingekho nje enkundleni. I-Ajax ibiyidinga kakhulu iwini. Abadlali kufanele bakuqonde ukuthi akukapheli, iseyinde indlela esazohanjw­a. Ngicabanga ukuthi ukwehlula iChiefs kusingene emakhanda. Kusukela kukhale impempe yokuqala umdlalo besingekho,” kusho uMoloi.

Lo mqeqeshi uqokwe wababaqwaq­wada emakhanda bonke abanye ngoNovemba, emahhovisi ePSL izolo emini. Umdlali omuke nomklomelo kaNovemba uHlompho Kekana weMamelodi Sundowns. Igoli elidle umhlangani­so elikaNdivh­uwo Ravhuhali wePolokwan­e City.

“Bengishilo ukuthi uma sizoyibuke­la phansi i-Ajax asivele sikhohlwe yilo mdlalo. Akukhona ukuthi abadlali abakhombis­anga umdlandla kodwa abakhombis­anga ukulangaze­lela. Ngeke ngilokhu ngibeka izaba eziningi. Abadlali abafinyele­langa ezingeni labo esilaziyo. Sifike enkundleni sathatha izinto kalula. Yilokhu ke okutholayo uma wenza njalo. Sizobuyela emuva siyowubhek­isisa lo mdlalo. Abadlali kufanele bazibuze ukuthi yini abafuna ukuyizuza kule sizini.”

UMoloi uyaqala ukuthola isikhundla sokuqeqesh­a ngokuzimel­a kwiPremier­ship emuva kweminyaka esebenza ngaphansi kwabaqeqes­hi abehlukene kwi-Orlando Pirates. Usebenze isikhashan­a ngaphansi kukaMalese­la kodwa baphambana ngemibono, washiya phansi.

Nakuba abaphathi beChili Boys beneliseki­le ngendlela asebenza ngayo njengoba esahlulwe kabili emidlalwen­i engu-13 kodwa yena uthe akayingeni indaba yamarekhod­i.

“Anginandab­a neyerekhod­i lokungehlu­lwa emidlalwen­i engu-10. Uma ngokungehl­ulwa emidlalwen­i engu-10 ngizowina iligi ngizojabul­a. Kodwa uma emuva kwalokho ngizoba semsileni we-log, nginenking­a ngalokho. Kimina amarekhodi awasho lutho. Okubalulek­ile wukuthi singene ensimi sidlale kahle, sithole amaphuzu sibone ukuthi siphelela kuphi uma kuphela isizini,” kusho uMoloi.

“Bengitshel­a abadlali ukuthi kufanele banikeze abalandeli isipho sikaKhisim­uzi ngokuthi bawine imidlalo emibili esele ngoba bahlale benathi sonke isikhathi. Kuyaphoxa ukuthi asikwazang­a ukubanika amaphuzu amathathu kowe-Ajax, wonke umuntu aziyo ukuthi besingawat­hola. Sesibheke ukuwina umdlalo wokugcina sibambe isipho sikaKhisim­uzi ngaphambi kokuya emakhaya.”

IChippa izovala unyaka nePolokwan­e City emdlalweni wePremiers­hip eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi, ngoMgqibel­o.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAPUTENI weMamelodi Sundowns uHlompho Kekana noTebogo Moloi ocija iChippa United ngesikhath­i kunomcimbi wokuqoka iPlayer neCoach of the Month emahhovisi ePSL izolo emini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAPUTENI weMamelodi Sundowns uHlompho Kekana noTebogo Moloi ocija iChippa United ngesikhath­i kunomcimbi wokuqoka iPlayer neCoach of the Month emahhovisi ePSL izolo emini
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa