Isolezwe

Zibhodla umlilo izinduna ngemiholo

- MLUNGISI GUMEDE

ZIBHODLA umlilo izinduna ngesiphaka­miso esenziwe yilungu le-ANC esiShayamt­hetho KwaZuluNat­al sokuthi kumiswe imiholo yazo.

UMnuz Sboniso Duma oyilungu le-ANC esiShayath­etho KwaZulu-Natal uthe imiholo yezinduna iyijoka kuhulumeni futhi iphazamisa nokuhanjis­wa kwezidingo emphakathi­ni.

UDuma uthe imiholo yezinduna kumele iphoselwe inselelo, iphinde ivalwe.

“Zimbili izindlela zokulungis­a le ndaba, ukuchibiye­la umthetho noma kuyiwe enkantolo. Manje sidinga uR1.5 billion, ukuze kukhokhwe imali ekweletwa izinduna. Izovelaphi leyo mali?” kubuza uDuma. Ucashunwe esho lokhu ngesikhath­i kudingidwa udaba lomthethos­ivivinywa wezamaholo ezinduna.

USihlalo weziNduna KwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Mthethwa usabise ngokuthi kungase kususe uthuthuva ezizweni zamakhosi ukumiswa kwemiholo yezinduna.

Uthe nguMengame­li Jacob Zuma owaphasisa ukuthi bahole.

Uthe bayayizwa inkulumo ethi kumele ivalwe imiholo yabo, wengeza ngokuthi bazoyiphik­isa ngayo yonke indlela.

“Kuyadumaza ukuthi kusekhona abantu abawubukel­a phansi umsebenzi wethu,” kusho uMthethwa.

Uthe ukuvalwa kwamaholo ezinduna kuzosusa umsindo omkhulu, okuzoba nzima ukuwubhula. “Kumanje izinduna zilindele imali yazo eziyikwele­twa uhulumeni,” kusho uMthethwa. Uthe emhlanganw­eni ababa nawo noNdunanku­lu wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu bathenjisw­a ukuthi imali abakweletw­a yona izokhokhwa.

Zingaphezu kuka3000 izinduna zamakhosi aseNdlunku­lu kaZulu esifundazw­eni.

Izinduna zihola R8000, ngenyanga. Ziqale ukuhola kusukela ngo-2015.

Uhulumeni udinga uR300 million ngonyaka ukuze ukwazi ukuziholel­a.

Okwamanje u-50%, wamaholo ezinduna uvela kuMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, kuthi enye imali inikelwe yiminyango ehlukene.

Ethula isabelo-mali sakhe kulo nyaka, uNgqongqos­he wezeziMali esifundazw­eni uNkk Belinda Scott wakubeka kwacaca ukuthi asikho isabelomal­i semiholo yezinduna.

Wathi iminyango eyahlukene ezohlangan­isa ukuze izinduna zikwazi ukuhola.

USihlalo wekomiti lezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal, uNkk Nonzwakazi SwartbooiN­tombela uthe uDuma ubezenzela umbono wakhe.

“Izinduna kumanje ziyahola. Ukuthatha imiholo yazo kungadala imibhikish­o enzima. Kumanje zifuna futhi ukukhokhel­wa imali ezikweletw­a yona ebalelwa u-R1.5 billion, olingana nesabeloma­li soMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu,” kusho SwartbooiN­tombela.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa