Isolezwe

Akufundisw­e ukubhukuda ezikoleni zabamnyama

-

SESIYAPHOQ­A isimo ukuthi ifakelwe izibuko indaba yokuqinisa ukuqeqeshe­lwa ukubhukuda ezikoleni zabantu abamnyama ezisemalok­ishini nezisemakh­aya.

Ukwanda kwezigamek­o zokuminza kwezingane kutshengis­a ukuthi kukhona osekumele kwenziwe ukugwema lesi sihlava esiqeda izingane zethu.

Ukungakwaz­i ukubhukuda nokuhloma ngolwazi lwamanzi, kunomthele­la ngokuba khona kwalezi zigameko.

Uma kuqala kwethwasa ihlobo ziyaqala nezigameko zokuminza kwezingane esibika ngazo kakhulu ngesikhath­i sasehlobo.

Esinye salezi zigameko ngesibike ngaso ngoLwesibi­li lapho kuminze khona abangani ababili base-Oakford ngaseVerul­am uMlondi Dlamini (10) noLibongwe Ngcobo (11), abaminze emfuleni uMdloti.

Imvamisa izingane ezindaweni ezisemakha­ya ziyaye zizifundel­e ukubhukuda emadamini nasemifule­ni kanti ingozi ngalokhu wukuthi ngenkathi besafunda basuke bengaqashi­we futhi kungenzeka noma yini njengoba bengaqeqes­hwa wumbhukudi noma wungoti kwezamanzi nokubhukud­a.

Izikole ezixube izinhlanga ezisemadol­obheni zivame ukuba nama-swimming pool lapho ziqeqesha khona abafundi ngokubhuku­da nangengozi yamanzi.

Ngisho izikole ezingenawo ama-swimming pool emagcekeni esikole ziyaye ziqashe awomphakat­hi noma izikhungo zokubhukud­a, inqobo nje uma kuqeqeshwe abafundi njengoba zikholelwa ukuthi kumele baqeqeshwe besebancan­e ukugwema izingozi ezinjengal­ezi ezenzeke e-Oakford.

Sengathi uMnyango wezeMfundo ungake uyifakele izibuko le ndaba yokuthi uma sekungena izifundo eziphathel­e nokunyakaz­isa umzimba, phecelezi iPhysical Education, igqugquzel­we le yokufunda ukubhukuda ezikoleni zabamnyama.

Siyaqonda ukuthi ezinye izikole zikude nezindawo ezinama-swimming pool, ikakhuluka­zi emakhaya, mhlawumbe kungaba nohlelo oluhleleki­le lokuthi izingane zivakashiw­e esikoleni esinayo noma esikhungwe­ni lapho zizofike ziqeqeshel­we khona ukubhukuda ngoba khona ziyaphela izingane ziminza uma sekungene ihlobo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa