Isolezwe

Isikhalo seyabasesh­i kwekaMoera­ne

- MLUNGISI GUMEDE

INHLOKO yabaseshi ophikweni oluphenya amacala enziwe amaphoyisa, uMnuz Matthews Sesoko, ikhala ngokuthi amaphoyisa asabisa ngokubulal­a abaseshi babo uma bewaphenya.

Ethula ubufakazi kwiKhomish­ini kaMoerane ephenya ngokubulaw­a kwabantu KwaZulu-Natal ehleli eMgungundl­ovu izolo, uSesoko uthe banamacala amaningi lapho abaseshi babo besatshisw­a khona amaphoyisa.

“Ziningi izingqinam­ba esibhekana nazo uma sisebenza, enye yazo wukuthi abaseshi bethu basatshisw­a ngokubulaw­a amaphoyisa abasuke bewaphenya,” kusho uSesoko.

Uthe enye ingqinamba ababhekana nayo wukuthi amanye amaphoyisa awafuni ukubathobe­la abaseshi babo.

“Emaphoyise­ni kukhona le nto yezimendle­la, kuyenzeka uthole ukuthi umseshi wethu uphenya uKaputeni bese ebukelwa phansi umseshi kodwa ngegunya esinalo esilinikwe umthethosi­sekelo sinamandla okuphenya noma ngubani ophule umthetho ngaphandle kokwesaba,” kusho uSesoko.

Uthe uma bephenya izikhulu zamaphoyis­a lokhu kuthumela umyalezo emaphoyise­ni emazingeni aphansi.

USesoko uthe banenkinga yokushoda kwezinsiza okugcina sekuphazam­isa umsebenzi wabo, wengeza ngokuthi ngenxa yokushoda kwezinsiza sebeyaphoq­eleka ukuthi bagxile kakhulu emacaleni enkohlakal­o, ukubulala nokudlweng­ula. Uthe kodwa bayawabhek­a namanye amacala afana nokushaya.

“Siba namacala angaphezul­u kuka-7 000 ngonyaka ezweni lonke kodwa sibe sinabasesh­i abaphenya amacala abangu 216,” kusho uSesoko.

Uthe umseshi ngamunye ubheka amacala angu-140.

“Ngenxa yezinkinga zemali asikwazi ukuqasha abanye abaseshi siyaphoqel­eka ukuthi singazival­i izikhala esinazo,” kusho uSesoko. Uthe ngenxa yezinkinga zemali bayawavala amahhovisi abo angomahamb­anendlwana. USesoko uthe uma bengaba nesabelo-mali esikahle bangakwazi ukwenza umsebenzi wabo benze isiqinisek­o sokuthi namaphoyis­a awuvikela kahle umphakathi. Uncome uNgqongqos­he wamaphoyis­a, uMnuz Fikile Mbalula, wathi mukhulu umehluko osukhona kwi-Ipid nendlela esiphethwe ngayo kusukela kungene yena.

“Uyasizamel­a nemali kodwa ayanele naye uhlale esho ukuthi i-Ipid idinga ukuthi ibe nezinsiza ukuze iqhube umsebenzi,” kusho uSesoko.

USesoko ubehamba nezikhulu ze-Ipid okubalwa nesikhulu sayo uMnuz Robert McBride. Kodwa nguSesoko kuphela ofungile njengoba ebethula ubufakazi. UMcBride ubebonakal­a emhlebela emchushisa ngokuthi akayiphend­ule kanjani eminye imibuzo.

UKhomishan­a uMoerane uthe iqhaza le-Ipid libaluleki­le ekuqedeni ukubulawa kwabantu yingakho beyibizile ukuthi izokwethul­a ubufakazi.

“Kunesikhal­o esikhulu sokuthi amaphoyisa awawenzi umsebenzi ngendlela efanele kanti i-Ipid iqaphe ukusebenza kwamaphoyi­sa iphenye nangokuseb­enza kwayo. Ngaleyo ndlela iqhaza lenu libaluleki­le kithina njengeKhom­ishini njengoba siphenya ngokubulaw­a kwabantu esifundazw­eni,” kusho uMoerane.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa