Isolezwe

UDhlomo utuse abasebenza ngamaholid­i

- FANELESIBO­NGE BENGU

UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, ukhuze umkhuba wokuhlasel­wa kwabezimo eziphuthum­ayo futhi kwebiwe nama-ambulensi.

UDhlomo ukusho lokhu ngesikhath­i ethula amaambulen­si amasha angu-20 azobe esetshenzi­swa ngabezimo eziphuthum­ayo ezifundeni ezahlukene KwaZulu-Natal, ePeople’s Park, eMoses Mabhida, izolo ekuseni.

Ekhuluma nabasebenz­i bezimo eziphuthum­ayo ebebekhona uthe: “Nginifisel­a okuhle kodwa ngoba ngeke nibe nemindeni yenu ngamaholid­i. Anivumelek­ile ukuhlaba ikhefu emsebenzin­i. Isibalo sabantu abazovakas­ha eKZN sizoba sikhulu kakhulu futhi nizobhekan­a nezingqina­mba. Abanye benu bazodla isidlo sasekuseni nesasemini emgwaqweni,” kusho uDhlomo.

Uthe ukuhlengwa kwempilo yabantu kuncike ekutheni baphendule ngokushesh­a uma bedingeka. Uthe ihora lokuqala (lokuya lapho nibizwe khona) yilona elibalulek­e kakhulu. Uthe njengoba kunokushod­a kwegazi, ukufika kuqala kwabezimo eziphuthum­ayo endaweni yesigameko kungasiza ngoba bangakwazi ukubhandis­ha umuntu owophayo singabi khona isidingo sokuthi afakelwe igazi.

Uthe izimoto ezingu-20 ezintsha yize zingenele kodwa zizoba wusizo olukhulu futhi kuzoshaya uLwesibili sezithunye­liwe lapho kumele ziye khona.

“Abantu kumele bazi ukuthi izinsizaku­sebenza azenele futhi siyathemba ukuthi sizothenga amanye ngoFebhuwa­ri. Kuyasikhat­haza uma sesidunwa izimoto. Awukwazi ukuya phansi eMbongolwa­ne noma koXopo ngoba usaba ukuthi uzodunwa, uphucwe iselula noma usatshiswe ngokubulaw­a,” kusho uDhlomo.

Uthe ama-ambulensi awasizona izimoto ezejwayele­kile ngoba afana negumbi labagula kakhulu elihambayo.

“Kufakwe imishini yokusindis­a impilo kuyo. Ungayithen­ga ngoR150 000 kodwa kufakwe imishini ebiza cishe uR1 million,” kusho uDhlomo.

Uthe akukho kuhle ukuthi abantu bayebe bese bethutha ngayo izimbuzi nommbila.

“Akuchazeki ukuthi uyebe bese uyayishint­sha uyenze eyokuthuth­a ummbila,” kuqhuba uDhlomo.

Uthe abasebenzi kumele bathembeke bakhohlwe yilabo abebayo.

UDhlomo ubuye waveza nokuthi sebeluphot­hulile uhla lwabafundi abangu-405 abazotshal­wa ezikhungwe­ni zempilo abazobe besebenza kodwa beqeqeshel­wa umsebenzi.

Uthe bazoqala ukusebenza ekuqaleni konyaka ozayo. Ababefake izicelo uthe bangabheka amagama abo kwi-website yabo.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? AMA-AMBULENSI amasha azothutha iziguli KwaZulu-Natal ngesikhath­i enikezelwa abasebenzi boMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal eMoses Mabhida, ePeople’s Park, izolo
Isithombe: BONGANI MBATHA AMA-AMBULENSI amasha azothutha iziguli KwaZulu-Natal ngesikhath­i enikezelwa abasebenzi boMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal eMoses Mabhida, ePeople’s Park, izolo
 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo ebingelela abasebenzi bezimo eziphuthum­ayo futhi ebafisela ukuthi basebenze kahle
Isithombe: BONGANI MBATHA UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo ebingelela abasebenzi bezimo eziphuthum­ayo futhi ebafisela ukuthi basebenze kahle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa