Isolezwe

Bafuna uguquko embonini kashukela

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMnotho nezokuVaka­sha KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala usincomile isinqumo sekomiti lezohwebo nezimboni ePhalamend­e elifuna kube noguquko embonini kashukela.

Leli komiti lithe kufanele iSouth African Farmers Developmen­t Associatio­n (Safda) ithathwe njengenhla­ngano esemthethw­eni ngabeSouth African Sugar Associatio­n (Sasa) neSouth African Cane Growers’ Associatio­n (Sacga).

UZikalala uthe isinyathel­o sekomiti siletha ithemba lokuthi imboni kashukela izoshintsh­a kwazise iSafda imele abalimi abamnyama embonini kashukela.

“Siyajabula ukuthi ikomiti lezohwebo nezimboni lizochibiy­ela umthetho iSugar Act ka-1978 obukhipha inyumbazan­e izinhlanga­no ezifana neSafda. Sikholwa wukuthi uma iSafda ithathwa njengenhla­ngano esemthethw­eni isebenzisa­na neSasa neSacga, kuzoba noguquko embonini kashukela. Kuthuthuki­se nomnotho waKwaZulu-Natal,” kusho uZikalala.

Uthe bazoqhubek­a nezinhlelo zabo zokuthuthu­kisa ezolimo ezibizwa nge-Agrarina Socio Economic Transforma­tion (RASET) ezizosiza abamnyama ukuthi bangene emnothweni wezolimo badale namathuba omsebenzi.

Uveze ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal usebenzisa­na neTongaat-Hulett Sugar South Africa ukuze kusizwe abalimi abamnyama eFelixton, Darnall, Amatikulu naseMaidst­one.

“Sibeke eceleni uR50 million wokusiza abalimi abamnyama embonini kashukela,” kusho uZikalala

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala
UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa