Isolezwe

Bethulelwa isigqoko abampimpa ababulala obhejane

- BONISWA MOHALE

BANCOMA umphakathi ompimpa ababulala izilwane zasendle abezeMvelo KZN Wildlife njengoba bethe kuboshwe izigebengu ezingu-150 kulo nyaka emva kokuthi amalungu emiphakath­i eyakhele iziqiwi ezimpimpil­e.

UMnuz Musa Mntambo obhekele ezokuxhuma­na kwezeMvelo KZN Wildlife uthe bebengeke babophe izigebengu eziningi kanjena ukube umphakathi awuzona izindlebe namehlo abo ezindaweni ezihlukene.

“Silahlekel­we obhejane abangu-218 kulo nyaka. Okusijabul­isayo wukuthi abantu basebenzis­ana nathi ngokumpimp­a ababulala obhejane nezinye izilwane zasendle. Ababoshiwe sifuna babhadle ejele ukuze nabacabang­a ukubulala izilwane zasendle basheshe bawuyeke lowo mqondo,” kusho uMntambo.

Uthe baphinde basebenzis­ane nezinye izinhlaka zomthetho okubalwa amasosha, amaphoyisa noKlebe ukulwa nokubulawa kobhejane nobugebeng­u obuhleliwe.

Kuzwelonke ngoJulayi, isibalo sobhejane ababulewe besimi ku-529 uma kuqhathani­swa no-542 wobhejane abese bebulewe ngonyaka odlule.

Isiqiwi esihamba phambili ngokubulaw­a kobhejane yiKruger National Park elahlekelw­e ngabangu-243 uma kuqhathani­swa no-354 owawubulew­e ngoJulayi wonyaka odlule.

Lokhu kusho ukuthi ukubulawa kobhejane kwehle ngo-34% kulo nyaka ngenxa yokufakwa kwamasosha, amaphoyisa, oKlebe nomphakath­i ogqugquzel­wa ukuthi ubike uma ubona izigebengu zingena eziqiwini.

Obhejane babulawelw­a uphondo lwabo okukholaka­la ukuthi lwelapha umdlavuza, lwenze amadoda abe nogazi futhi abe wuqanduqan­du ocansini emazweni aseMpumala­nga okubalwa iChina neVietnam.

Yize kunenkolel­o yokuthi uphondo lukabhejan­e lwelapha umdlavuza ososayensi bayakuphik­a lokhu kanti uNgqongqos­he wezeMvelo eNingizimu Afrika uNkk Edna Molewa uthe banohlelo lokufundis­a abantu baseVietna­m ukuthi uphondo lukabhejan­e aluwelaphi umdlavuza.

Uthe uphondo lukabhejan­e lwakhiwe yizinwele zikabhejan­e ezihlangan­ayo zigcine sezakhe uphondo.

 ?? Isithombe: RICHARD COMPTON ?? UMNUZ Musa Mntambo wezeMvelo KZN Wildlife uncome imiphakath­i empimpa ababulala obhejane eziqiwini
Isithombe: RICHARD COMPTON UMNUZ Musa Mntambo wezeMvelo KZN Wildlife uncome imiphakath­i empimpa ababulala obhejane eziqiwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa