Isolezwe

Bafuna igunya lokujezisa ezikahulum­eni

- SIVIWE FEKETHA

UMTHETHO ohlongozwa­yo ungase unikeze ongqongqos­he nePhalamen­de amandla okulawula okwenzeka ezinkampan­ini zikahulume­ni.

NgoLwesibi­li, ikomiti elibhekele­le imithetho nezokuphat­ha ePhalamend­e lithe kufanele kulungiswe imithetho ethile ukuze iPhalamend­e libe namandla okukhuza ngaphambi kokuthi konakale izinto ezinkampan­ini zikahulume­ni.

USihlalo wekomiti uNksz Ayanda Dlodlo obuye abe nguNgqongq­oshe wezaseKhay­a kuleli uthe ongqongqos­he kufanele babe namandla okushintsh­a okwenzeka ezinkampan­ini zikahulume­ni nokubiza izikhulu ezingenzi kahle.

“Sifuna ukuphathwa kwezinkamp­ani zikahulume­ni kube sezingeni eliphezulu. Sifuna ukuba namandla okubiza abantu abangawenz­i umsebenzi wabo ngoba izinkampan­i zikahulume­ni zinenkinga yokuxhasha­zwa kwemali nenkohlaka­lo,” kusho uNksz Dlodlo.

Phakathi kwezinkamp­ani zikahulume­ni eziba sematheni ngokungaph­athwa kahle kwemali kubalwa i-Eskom, Passenger Rail Agency of South Africa (Prasa) neSouth African Airways.

Kumanje kunophenyo olwenziway­o ngokusetsh­enziswa kombuso yidlanzana nenkohlaka­lo ebidla lubi kwa-Eskom.

UNgqongqos­he wamaBhizin­isi kaHulumeni, uNksz Lynne Brown useziphend­ulele kwabenza uphenyo nge-Eskom, wathi wayeholelw­a ophathe yizikhulu.

“Sifuna ukwazi ukuthi imali isebenza kanjani ezinkampan­ini zikahulume­ni. Ukuze uma ingasakwen­zi lokho obekuthiwe izokwenza kujeziswe abantu,” kusho uNksz Dlodlo.

Uthe umthetho abawuhlong­ozayo uzophinde ubheke nobudlelwa­no phakathi kwamaqembu epolitiki nohulumeni.

I-ANC nayo ayisahambi­sani nokujutshw­a kwamaqaban­e ezinkampan­ini ezithile njengoba ithi lokhu kuphazamis­a ukusebenza kwazo.

Ifuna kuqashwe abantu abaneziqu zomsebenzi abazowenza hhayi amaqabane kuphela.

 ??  ?? UNKSZ Ayanda Dlodlo uthi bafuna ukujezisa izikhulu ezixhaphaz­a imali ezinkampan­ini zikahulume­ni
UNKSZ Ayanda Dlodlo uthi bafuna ukujezisa izikhulu ezixhaphaz­a imali ezinkampan­ini zikahulume­ni
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa