Isolezwe

UKadodia akacacisi ngesijezis­o sikaSaal

- ZAKHELE XABA

USIHLALO weMaritzbu­rg United, uFarook Kadodia, ungena ezintangen­i ngesijezis­o somdlali waleli qembu uDevon Saal obhozomele umqeqeshi bebanga ukuthi umncishe isikimu emasontwen­i edlule.

USaal ujoyine iTeam of Choice ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018 esuka kwiMilano United yaseKapa edlala kwiNationa­l First Division (NFD). Bekubhekwe ukuthi azovala isikhala esivuleke emuva kokuhamba kobengukap­uteni uKurt Lentjies oseyibamba kwiChippa United. Kuvele ukuthi ngaphambi komdlalo nePlatinum Stars, uSaal ubhozomele umqeqeshi uFadlu Davids phambi kwabanye abadlali emuva kokuthola ukuthi akamfakang­a kubadlali abangu-18 ababezodla­la. Emuva kwalokho ubizelwe ekomitini leqembu eliqondisa izigwegwe. Bekuthiwa uFadlu ufuna ukwenza isibonelo ngaye.

Izolo, uKadodia, akafunanga ukuphumela obala ngesinqumo abasithath­ile.

“Engingakus­ho ukuthi uSaal usezodlale­la elinye iqembu. Ukuba simxoshile ngabe simnikeze incwadi yokumkhulu­la. Uma konke sekuphelil­e ngizokwazi­sa,” kusho uKadodia.

Ngokwenkul­umo kaKadodia kungenzeka ukuthi uSaal uzobokelek­iswa noma uzodayisel­wa elinye iqembu ngenyanga ezayo uma sekuvulwe iwindi lokushints­hana ngabadlali.

Umthombo weSolezwe ongaphakat­hi kwiTeam of Choice uthe akuqondaka­li ukuthi uSaal uxoshiwe noma usazoqhube­ka nokudlala kuleli qembu.

Ngaphandle kukaSaal, umdlali wase-Australia, uLiam Youlley okuvele ukuthi utheleke ejimini ebukhile, uphunyukil­e ogibeni.

“Emuva kokukhulum­a nawe ocingweni ngesonto eledlule, ngimbizile umdlali. Kudingeke simfake ingcindezi ukuze akhulume iqiniso. Sigcine simhlolile sathola ukuthi ayilona iqiniso indaba yokuthi ufike ephuzile ejimini, bekuyizins­olo nje,” kusho uKadodia.

Phezu kokuba uKadodia engafuni ukukhuluma eyabadlali bakhe abafunwa amanye amaqembu kodwa isiqale phansi indaba yokuthi i-Orlando Pirates ifuna umgadli weTeam of Choice u-Evans Rusike oshaye amagoli amabili ngesikathi leli qembu libhaxabul­a iBaroka ngo 3-1 eMphithi ngesonto eledlule.

IMaritzbur­g kade igadulisan­a neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ePitoli izolo ebusuku. UKadodia ubebone ukuthi bazoyibuyi­sela kwamhlaba iSundowns. Emdlalweni wokugcina wonyaka iTeam of Choice izobhekana neLamontvi­lle Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.

 ??  ?? UDEVON Saal obegijima kwiMaritzb­urg United kuvela ukuthi ngeke esabonakal­a kuleli qembu ngemuva kokuvela ekomitini eliqondisa ubugwegwe Isithombe: BACKPAGEPI­X
UDEVON Saal obegijima kwiMaritzb­urg United kuvela ukuthi ngeke esabonakal­a kuleli qembu ngemuva kokuvela ekomitini eliqondisa ubugwegwe Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa