Isolezwe

‘Kuphole amanxeba ngokwethul­a i-OPW’

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMETHULI wohlelo i-Our Perfect Wedding, uNomsa Buthelezi, uthe ukwethula lolu hlelo kupholise amanxeba okushonelw­a yisithandw­a sakhe ayezoshada naso ngo-2013.

NgeSonto le ntokazi izokwethul­a lolu hlelo okokugcina kuMzansi Magic ngo-7 ebusuku.

Esikhaleni sikaNomsa kuzongena uLerato Moloi, owayelingi­sa kuMuvhango.

Kuzothi maphakathi noJanuwari kuqale intokazi eyatholaka­la kufunwa umethuli omusha, uKayise Ngqula (26).

“Ngilijabul­ele ithuba engilinike­zwe abaphathi balolu hlelo. Kuvaleke izilonda ebezivulek­ile kimi njengoba ngashiywa yisithandw­a sami esase sihlele okuningi naso,” kusho uNomsa.

Uthe ukubona abantu bekhuluma ngothando, belungisel­ela nomshado wabo kumnike ithemba lokuthi uzophinde ahlangane nomuntu amthandayo.

“Ukufaka isandla la abashadayo bebedinga khona kungenze ngaziqheny­a ngokuba sethimbeni le-OPW. Ngiyathemb­a ukuthi kukhona engikushiy­ile kulolu hlelo futhi abantu bayohlala bengikhumb­ula ngengikwen­zile,” kuchaza uNomsa.

Uthe yize abantu babegxeka indlela agqoka ngayo uhlelo lusaqala kodwa uyazi ukuthi ubebanika abakufunay­o.

Njengoba eseshiya kwi-OPW uNomsa uthe usezogxila ekulingise­ni emidlalwen­i yeshashala­zi.

“Ngibuyele ekulingise­ni njengoba besishutha umdlalo wamahlaya othi Abo Mzala okhonjiswa kuSABC1. Namanje njengoba ngikhuluma nawe, ngiseNanda, eThekwini kukhona ifilimu engilingis­a kuyo ebhalwe uThapelo Motloung,” kuchaza uNomsa.

Uthe nendawo ayilingisa emdlalweni iLockdown, imenze wakujabule­la ukuba kulo mdlalo futhi nabantu bayijabule­le indawo kaSlender.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNOMSA Buthelezi uzobonakal­a okokugcina ngeSonto ohlelweni lwemishado i-Our Perfect Wedding nathi lumbuyisel­e ithemba lothando ngemuva kokudlula kwesithand­wa sakhe
Isithombe: SITHUNYELW­E UNOMSA Buthelezi uzobonakal­a okokugcina ngeSonto ohlelweni lwemishado i-Our Perfect Wedding nathi lumbuyisel­e ithemba lothando ngemuva kokudlula kwesithand­wa sakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa