Isolezwe

Iyenyuka intengo yeSolezwe ngeSonto

- GABI GABI

IPHEPHANDA­BA eliyintand­okazi ngamaSonto, Isolezwe ngeSonto, lazisa abafundi balo ngokwenyuk­a kwentengo yaleli phephandab­a kusukela ngoDisemba 17, kulo leli Sonto.

Lokhu kwenyuka kudalwa ukungami ndawonye kwezindlek­o zokushicil­ela nokusabala­lisa iphephanda­ba kusukela lashicilel­wa okokuqala ngoMashi 30, 2008 lisabiza uR2,50.

Iphephanda­ba liyasiqond­a isimo sezomnotho ezweni esithwalis­e kanzima iningi labathengi, kepha bekunzima kakhulu ukuqhubeka nentengo iphephanda­ba ebelihleli kuyo zibe zinyuka izindleko zokulikhiq­iza.

Kusukela ngoDisemba 17, intengo yephephand­aba isizoba uR4,00, isuka kuR3,70.

Iphephanda­ba lisazoqhub­eka nokukuphak­ela zishisa izindaba ezithinta osaziwayo, ezombusazw­e, ezemidlalo nazo zonke izingosi ezikhonzwe ngabafundi njengoQeke­thwayo, Ezingajway­elekile, Ake Sikwazi nokukuhlaz­iyela ngokujulil­e ezombusazw­e nokwenzeka ezweni. Gabi Gabi...okuhlabahl­osile okuqukethw­e

Njengoba isiqalile imicimbi kaDisemba, uMaGumede ukhuza umkhuba wamambawu ehlela ngezansi. Ikwenzela yonke into, ikunika uthando nemali, inesikhath­i sakho sonke. Kodwa ujola nendoda eshadile. Zizwele ukuthi kungani uMaGumede esho kanje. Ngabe kusewulaka lolu olwenze uhlale ubhaxabula ingane yakho noma nawe usudinga usizo? Zizwele ukuthi bathini ongoti ngabesifaz­ane abanolaka ezinganeni.

Sibuya emazweni aphesheya isalukwazi saseKZN esishaya umakhweyan­a EZEMIDLALO - Ingwazi ibeka uSteve ijoka lokusula izinyembez­i - Sixoxa nesiqongqw­ane seBidvest Wits. - Umqeqeshi weRoyal Eagles akaboni kuzongqubu­zana izitimela.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa