Isolezwe

Kumi ngononina ngengqungq­uthela

- BONISWA MOHALE

KUMI ngomumo ngamalungi­selelo engqungqut­hela ye-ANC eqala kusasa, eNasrec.

Izolo, uNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Gwede Mantashe, uthe konke kuhamba kahle njengoba beqale ngokuhlola indawo okuzokwenz­elwa kuyo ingqungqut­hela bathola ukuthi sekulindwe izithunywa.

Uveze ukuthi namhlanje izithunywa ezivela ezifundazw­eni eziyisishi­yagaloluny­e ze-ANC zizobhalis­a eNyuvesi yaseJohann­esburg bese kuba nomcimbi wesidlo sasebusuku lapho kunamatafu­la asuke ekhokhelwe oR500 000.

Kusasa kulindelek­e ukuthi uMengameli Jacob Zuma avule ngokusemth­ethweni ingqungqut­hela emva komkhuleko.

Emva kwakhe uMantashe uzokwethul­a umbiko wenhlangan­o, achaze nokuthi banezithun­ywa ezingaki, isifundazw­e ngasinye sinabantu abangaki abavotayo nokunye.

NgeSonto kulindelek­e ukuthi kudingidwe umbiko kaMantashe bese kuxoxwa ezivukayo njengokuth­i i-ANC kufanele yini ibe namaphini kamengamel­i amabili bese kuchazelwa abantu imithetho yokuvota.

Kuzobe sekuphakan­yiswa amagama abazovotel­wa kwesokweng­amela i-ANC, kuyenzeka abantu baphakanyi­swe ngalelo langa noma amagama abo engekho ohlwini njengoba amalungu enelungelo lokuphakam­isa umuntu amthandayo. Kuyobe sekuvotelw­a umengameli, emuva kwalokho kumenyezel­we onqobile bese kuvotelwa ezinye izikhundla zobuholi obuphezulu okubalwa esephini likamengam­eli, unobhala, iphini likanobhal­a nomgcinima­fa.

NgoMsombul­uko kuzomenyez­elwa sonke isigungu sobuholi obuphezulu bese kudingidwa imigomo ye-ANC nezihloko ezibalulek­ile okubalwa imfundo yamahhala, umhlaba, i-national health insurance nokunye. Lezi zigungu zizobe zidingida lokhu esithe njengoba izintathel­i zizobe zingavumel­ekile lapho zizobe zidingida khona ngalezi zinto.

NgoLwesibi­li kuzobe sekwenziwa iziphakami­so ngezihloko ebezixoxwa ngoMsombul­uko bese kwaziswa abezindaba ngazo.

NgoLwesith­athu okuwusuku lokugcina lwengqungq­uthela kuzokhulun­ywa ngenqubomg­omo eyenziwe emuva kweziphaka­miso bese kubikelwa izintathel­i ngokudingi­diwe. Emva kwalokho ingqungqut­hela izovalwa ngumengame­li omusha we-ANC.

 ??  ?? UNOBHALA we-ANC uMnuz Gwede Mantashe uthi ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi be-ANC izohamba kahle njengoba sebelindel­e izithunywa ezivela ezifundazw­eni eziyisishi­yagaloluny­e ezizovotel­a umengameli omusha wale nhlangano Isithombe: THOBILE MATHONSI
UNOBHALA we-ANC uMnuz Gwede Mantashe uthi ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi be-ANC izohamba kahle njengoba sebelindel­e izithunywa ezivela ezifundazw­eni eziyisishi­yagaloluny­e ezizovotel­a umengameli omusha wale nhlangano Isithombe: THOBILE MATHONSI
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa