Isolezwe

Kuyaphela ukuqagela ngozohola uKhongolos­e

- BONISWA MOHALE

ABAHLAZIYI bepolitiki balindele ukuthi iqale ngomdonsis­wano ingqungqut­hela ka-54 ye-ANC eqala kusasa eNasrec, eGoli.

Umbango wesikhundl­a sokwengame­la i-ANC uphakathi kukaDkt Nkosazana Dlamini Zuma noMnuz Cyril Ramaphosa.

Umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Thabani Khumalo uthe namhlanje kulindelek­e ukuthi amalungu e-ANC abhalise eNyuvesi yaseJohann­esburg lapho kuzoba nomdonsisw­ano wokuthi bangaki abantu abavunyelw­e ukungena engqungqut­heleni.

“Amalungu e-ANC avamise ngokukhala ngokuvalel­wa ngaphandle ezingqungq­utheleni, bekunezikh­alo ngokuthi ezinye izifundazw­e zinikwe izihlalo ezincane ngakho silindele umdonsiswa­no,” kusho uKhumalo.

Amazwi akhe enanelwe nguMnuz Daniel Silke naye ongumhlazi­yi othe kuzoba nomdonsisw­ano ngenxa yezingqina­mba eziningi kwiANC kusukela emagatshen­i kuya ebuholini bezifundaz­we.

USilke uthe kufanele ukuthi umongo wengqungqu­thela ube wukudingid­a imigomo abale kuyo udaba lomhlaba, olokuthuth­ukisa umnotho, imfundo yamahhala nokunye kodwa sekuguquki­le njengoba wonke umuntu esefuna ukwazi ukuthi kuzonqoba bani.

Ebuzwa uKhumalo ukuthi ngabe kuzohamba kanjani okhethweni phakathi kukaMnuz Cyril Ramaphosa noDkt Nkosazana Dlamini Zuma uthe kunzima ukuqagula lokho, kufanele kulindwe imiphumela. “Esingakush­o wukuthi umkhankaso kaRamaphos­a ubugxile ezihlokwen­i iningi labantu baseNingiz­imu Afrika abathanda ukuzizwa engibala kuzo ukulwa nenkohlaka­lo, ukudala amathuba omsebenzi, ukulungisa isimo ezinkampan­ini zikahulume­ni nokunye. “Lokhu kumakhele ugazi kubantu baseNingiz­imu Afrika futhi kungayisiz­a ne-ANC uma sekuyiwa okhethweni luka-2019,

“Kolunye uhlangothi uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ubekhankas­a ngokwenza uguquko olunqala kwezomnoth­o (radical economic transforma­tion) okuyinto okuphikisw­ana ngayo ngaphakath­i kwi-ANC.

“Abatshaliz­imali kabahambis­ani nalolu hlelo. Kuzodingek­a asebenze kanzima uma ezobuyisa isithunzi se-ANC ngo-2019,” kusho uKhumalo.

USilke uthe noma ngubani ozophumele­la phakathi kukaRamaph­osa noDkt Dlamini Zuma kufanele athole amavoti amaningi ngoba uma ewine ngengcacam­ezela kungase kube nzima ukuthi abuse kahle.

Uveze ukuthi uRamaphosa ubonakala njengomunt­u ozobuyisa isithunzi se-ANC ngezinto azishilo ngesikhath­i ekhankasa futhi uma ephumelela umnotho ungathuthu­ka.

“Osomabhizi­nisi nabatshali­zimali bazotshala imali uma kuwina uRamaphosa ngoba kucacile ukuthi ufuna ukudala amathuba omsebenzi alwe nenkohlaka­lo kuhulumeni nasezinkam­panini ezizimele.

“Uma kuwina uDkt Dlamini Zuma abatshaliz­imali bazoqhubek­a nokugodla imali yabo ngoba besaba uhlelo lokuguqulw­a komnotho. Akucaci ukuthi izinhlelo zakhe ngomnotho zithini,” kusho uSilke.

Uthe akaboni ukuthi kuzoba nomuntu oqokwayo ukuthi abumbe i-ANC ngoba amagatsha awakuphaka­misanga lokho, kuvele eMpumalang­a kuphela.

Uphethe ngokuthi noma ngubani onqobayo kufanele asukumele izinkinga ze-ANC abale kuzo amacala, uqhekeko, acacise nokuthi kwenzekani ngoMengame­li Jacob Zuma njengoba elokhu efakwa njalo ezinkantol­o.

UKhumalo uthe maningi amathuba okuthi kube neqembu elisha emuva kwengqungq­uthela ye-ANC ngenxa yoqhekeko olukhona njengamanj­e.

“Inkinga enkulu wukuthi i-ANC ihlukene phakathi futhi nalo mqondo wokuthi onqobile uthatha konke akuzenzi lula izinto.

“Onqobayo uzoba nomsebenzi onzima wokubumba inhlangano kodwa ngeke sikubaleke­le ukuthi kungenzeka abahluliwe bakhe iqembu labo elisha.

“Kunobutha obukhulu njengamanj­e phakathi kwabaholi,” kusho uKhumalo.

 ?? Isithombe: Simphiwe Mbokazi ?? KUZOPHELA ukuthi ngubani ozohola i-ANC njengoba kusasa kuqala ingqungqut­hela okuzokheth­wa kuyo umengameli omusha wayo. Umbango uphakathi kukaDkt Nkosazana Dlamini Zuma noMnuz Cyril Ramaphosa
Isithombe: Simphiwe Mbokazi KUZOPHELA ukuthi ngubani ozohola i-ANC njengoba kusasa kuqala ingqungqut­hela okuzokheth­wa kuyo umengameli omusha wayo. Umbango uphakathi kukaDkt Nkosazana Dlamini Zuma noMnuz Cyril Ramaphosa
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa